Iwine sekuminciwe iPirates icishe imiswa yiChippa ebingasaphelele

Sihle Ndlovu
Ibuye sekuvalwe amehlo i-Orlando Pirates, yashaya igoli ngemizuzu yokugcina futhi yqhubeka nomgqigqo wayo omuhle kwiDstv Premiership iqumba phansi iChippa United ngo 1-0 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu ebusuku.
Ukuwina kweBucs kuqinisekise ukuthi igcina irekhodi layo lokungashaywa selokhu kuqale isizini. Empeleni eZimnyama sekudlule imidlalo engu-14 zingayazi induku. IBucs iyona engompetha beMTN8 ka-2020 ngemuva kokushaya iBloemfontein Celtic ngo 2-1 kowamanqamu ngoMgqibelo.
Umdlalo ubushesha ngendlela eyisimangaliso, kucaca ukuthi alikho iqembu ebelisaba elinye. IPirates iwatholile amathuba ayo yehluleka, kanti neChippa ike yafika qathatha kuRichard Ofori kodwa kwangalunga.
IBucs iqhubekile nokuhlasela ngesiwombe sokuqala kucaca ukuthi ibifuna ukushaya igoli. Ngomzuzu ka-45 uSandile Mthethwa, weChippa, uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uDeon Hotto weBucs.
Isiwombe sesibili siqale kusiyisivuthevuthe, zithengana kungacaci ukuthi igoli lingase lingene ngakuphi. Okuhlaluke kulesi siwombe ukuthi unozinti weChillie Boys, u-Ayanda Mtshali, uyena obesebenza kanzima kakhulu kuno-Ofori weBucs. Ngemizuzu eyishumi yokugcina iPirates bese ihlasela iphindelela ifuna igoli ukuze ithole amaphuzu amathathu.
Ngomzuzu ka-86 uFortune Makaringe ushaye igoli lakhe lokuqala lesizini, ahamba phambili amaBhakhaniya. Ngemuva kwalokho iBucs iqhubekile nokuhlasela kucaca ukuthi ayikadeli ukungqongqoza emzini weChillie Boys. Nokho umdlalo ugcine uphele ngo 1-0, agcina ehlangene amathambo.
IPirates izodlala umdlalo wayo olandelayo weDstv Premiership ngoJanuwari 2 lapho izobhekana khona neMamelodi Sundowns, emdlalweni okubhekeke ukuthi ushube kakhulu.
Ukuwina kweBucs kuyinyusele endaweni yesithathu kwi-log yePremiership.
Imiphumela yeDstv Premiership:

Black Leopards 1-1 Tshakhuma FC; AmaZulu 0-2 Golden Arrows; Orlando Pirates 1-0 Chippa United; Bloemfontein Celtic 2-0 Baroka FC