Iwine sekuphele izinzipho kubalandeli iPirates koweCaf

Iwine sekuphele izinzipho kubalandeli iPirates koweCaf
OkaDonga Gumbi

Kufanele ukuba bese bezidle baziqeda izinzipho abalandeli be-Orlando Pirates sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wayo neSimba SC e-Orlando Stadium ngeSonto ebusuku.

Lo mdlalo weCaf Confederation Cup uphele zibambene ngo 1-1, kwabe sekuyoqedelwa indaba phansi kwepali kwazise bekukhona obekumele awashe ijezi.

Kube ngunozinti uRichard Ofori obe liqhawe, evimba eyodwa qede washaya neyokuwina ukuze iBhakabhaka lidlulele esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

U-Ofori uvele wagcxuma wayibamba eyokuqala iphenathi, ebeka iPirates endaweni enhle. Kuphinde kwanomunye umdlali weSimba oyigejayo, kwacaca ukuthi izindlela ziyakhanya kwezimnyama.

Kuthe sekumele aqedele umsebenzi uKabelo Dlamini eshaya iphenathi yesine yeBucs, wavele wayipha unozinti.

Ngendlela eqale ihlasela ngayo iPirates, bekumele kuphele imizuzu eyishumi yokuqala okungenani seyinamagoli amathathu.

Nokho inhlanhla beyinqaba njengoba amabhola ayo abephelela kunozinti weSimba u-Aishi Manula noma aphume eceleni sekuvalwe amehlo.

Ibuye yancishwa nephenathi ngesikhathi uDeon Hotto ewiswa ephakathi ebhokisini leSimba kodwa unompempe wathi udayivile.

Kodwa ke akazange amxayise ngekhadi ngalokhu, futhi akangaya ukuyobhekisisa kwiVAR ukuthi ngabe ngempela kwenzekeni.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibi abaqeqeshi bePirates badonse uNtuthuko Mabaso bafaka uLinda Mntambo endaweni wakhe.

Lokhu kucacise kahle ukuthi ayisazimisele ngokuvala emuva kodwa seyibheke ukuya phambili kuphela kwazise beyidinga amagoli amabili ukuze idlule kulesi sigaba.

Ngomzuzu ka-58 uPrince Mugalu unyathele kabi u-Olisa Ndah, wathi uyaziba unompempe bambiza abeVAR ukuthi azobheka.

FUNDA NALA: Idlale ngamathuba iRoyal AM ibanjwa AmaZulu koweligi

Ubuye esemkhipha ngekhadi elibomvu lo mdlali. Uthe esaphuma udokotela wePirates obekade engene eyosiza uNdah wazama ukumdonsa ethi akasheshe aphume.

Lokhu kube naye sekumdonsela amanzi ngomsele wakhishwa ngekhadi elibomvu ngenxa yalesi senzo sakhe.

Emzuzwini ukusuka lapho, iPirates ibe seyilithola igoli uKwame Peprah engqofela enethini ibhola ebeligotshwe u-Innocent Maela.

Yize izamile ukukhala iSimba ithi akubhekwe kwiVAr ithi uPeprah ubesesendaweni engamfanele, kodwa ibachithile labekwa emlotheni.

Kuthe sekusele imizuzu emine umdlalo uphele, iPIrates yaphinde yakhalela iphenathi njengoba umdlali weSimba elidlale ngengalo ibhola.

Kodwa yize beyibhekile iVAR, iyichithile iPirates kwathiwa uludlale ngehlombe ngakho akuyona iphenathi.

ULinda Mntambo ube nebhadi ibhola abelingqofe kade ligotshwe uLorch lizishayisa epalini selidlile unozinti.

IPirates iphinde yakhalela enye iphenathi ngomzuzu ka-90 umdlali weSImba elidlale ngesandla ngaphakathi ebhokisini.

Kuphinde kwalindwa yona iVAR, kodwa kuthe kusalindwe isinqumo unompempe wavele wawuqeda umdlalo kwayiwa phansi kwepali ukuyoyiqedela khona indaba.

Kuzophawuleka ukuthi bekusasele isikhathi esingaphezulu komzuzu ngesikhathi lo nompempe ewuqeda umdlalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.