IWoodburn Stadium nayo isizophendulwa inxanxathela yezitolo

IWoodburn Stadium nayo isizophendulwa inxanxathela yezitolo
IWoodburn Stadium yaseMgungundlovu
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Google

Kunuka uhlofu phakathi kwePietermaritzburg Rugby Union nePietermaritzburg Sports Confedaration eholwa nguMhlengi Maxase.

Abenhlangano yebhola lombhoxo ngaphansi koMgungundlovu kuvela ukuthi basezinhlelweni zokudayisa iWoodburn Rugby Stadium.

Kuthiwa kunenkampani abaxoxa nayo efuna ukubhidlisa le nkundla bese kwakhiwa inxanxathela yezitolo esikhundleni sayo.

Lezi zindaba zihogelwe yiMpempe ngok=munye wemithombo yayo ekuleli dolobha. Sibe sesizama ukuthola ubuqiniso bazo.

UMaxase wePMB Sports Confederations uyena osheshe watholakala wakuqinisekisa ukuthi nebala ikhona impi abayilwayo ngale nkundla.

“Asihambisani nokwenziwa yinhlangano yebhola lombhoxo ngoba sinenkundla eyodwa kuphela lapha eMgungundlovu.

“Ngakho sizokulwa nokuthi ingadayiswa ngoba lokhu kungashabalalisa ithemba kubantwana abasafuna ukudlala lo mdlalo.

“Sizoba nomhlangano ophuthumayo nabaphathi bomkhandlu waseMgungundlovu ukuthi kubhungwe kabanzi ngale nkundla ngoba ingasiza nabebhola likanobhutshuzwayo,” kusho uMaxase.

Impempe izame ngayo yonke indlela ukuthola abanikazi benkundla kodwa ucingo belukhala lungabanjwa muntu.

Sekukuningi ukukhuluma ngale nkundla njengoba kusolakala nokuthi ayisanakekelwa ngendlela efanele.

Kuthiwa nezinye zingqalasizinda zezemidlalo kuleli dolobha yinto enganakiwe nje. NeYMCA isiphenduke ihhoko lezingulube ngenxa yokunganakeleki kahle.

IWoodburn yiyo ebisetshenziswa yiMaritzburg United phambilini ngesikhathi kusalungiswa kabusha iHarry Gwala Stadium.

FUNDA NALA: Usale enxapha yedwa uBaxter iRoyal AM isimphenye ibheshu

Ukushabalala kwayo kungasho ukuthi iMaritzburg sekodingeka iyise kwamanye amadolobha imidlalo yayo yasekhaya uma kwenzeka kuba nenkinga eHarry Gwala.

Abantu bakuleli dolobha abathanda ezemidlalo abakakudlulisi namanje emoyeni yabo ukubhidlizwa kweQokololo Stadium eyayise-Edendale.

Le nkundla eyayiqanjwe ngeNgqalabutho uQokololo Hlophe, yabhidlizwa kwabe sekwakhitha inxanxathela yezitolo kuyo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.