IWydad iphoxe uMosimane iwina owamanqamu weChampions League

UPitso Mosimane
Sihle Ndlovu

IWydad Athletic Club ivimbe uPitso “Jingles” Mosimane, ocija i-Al Ahly, ukuthi aqophe irekhodi lokuwina iCAF Champions League okwesine kulandelana njengomqeqeshi.

IWydad yaseMorocco ishaye i-Al Ahly yase-Egypt ngo 2-0 emdlalweni wamanqamu weChampions League eComplexe Mohamed V, ngoMsombuluko ebusuku.

UMosimane useke wayiwina kathathu le ndebe ehlonishwayo e-Afrika. Uyiwine kanye neMamelodi Sundowns kwathi esekwi-Al Ahly wayiwina kabili.

Bekulindeleke ukuthi kube yi-Al Ahly ewina lo mdlalo kodwa iWydad yadlala ibhola eliphezulu yize kade umdlalo ungaphethwe iyona.

Amagoli awinise iWydad ashaywe wuZouher El Moutaraji obe nomdlalo omuhle kakhulu. Elokuqala ulishaye ngomzuzu ka-15 kwathi elesibili walibeka phakathi ngomzuzu ka-48.

I-Al Ahly iwatholile amathuba ayo ikakhulukazi ngesiwombe sesibili kodwa yagcina ihlulekile ukushaya igoli. Akungabazeki ukuthi lokhu okwenzeke ngoMsombuluko ngeke kwehle kahle kubaphathi be-Al Ahly abahlale befuna iqembu liwine sonke isikhathi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.