Ixolisa ngesenzo sokuthukwa kukaPitso ngabalandeli bayo iSundowns

Abalandeli beSundowns abebevimbe umgwaqo
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Bazothathelwa izinyathelo abalandeli beMamelodi Sundowns abathele leli qembu ngehlazo ngaphambi komdlalo walo ne-Al Ahly ngoMgqibelo. Iqeqebana labalandeli beMamelodi Sundowns bavimbe ibhasi ebelihamba iRed Devils, bachapha ngezinhlamba umqeqeshi walo uPitso Mosimane.

Abanye bebephethe nezingqwembe ezibhalwe izinhlamba ezibhekiswe kuMosimane. Lesi senzo sesithole ukugxekwa okukhulu ngish nangabanye abalandeli beSundowns.

La maqembu abezodlala umlenze wesibili weCAF Champions League eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1, i-Ahly yadlual ngo 3-1 sekuhlanganiswe imiphumela lemilenze yomibili.

ISundowns ikhiphe isitatimende isola laba abenze lokhu ithi kuphambana nakho konke okuhle iqembu elikumele.

“IMamelodi Sundowns ikuqaphelile ukuzophatha kwabanye babalandeli beqembu ngaphambi komdlalo wethu nne-Al Ahly. Lokhu kuziphatha akwamukelekile futhi akuhambisani nezinseko zokuzihlonipha, nokuziphatha esikuqguqguzelayo.

“Sithole izikhalazo zivela kwabanye abalandeli ngalaba ngokuziphatha okungekuhle nenhlamba kodwa abalandeli beMamelodi Sundowns noma ngabe kwenzenjani akumele badelele, bathuke noma baziphathe ngendlela ephambeke nezinseko zeqembu.

“Ngakho siyaxolisa kwi-Al Ahly nabo bonke abasondelene nayo. IMamelodi Sundowns izophenya bese kuthathwa izinyathelo ezifanele ngalabo abazotholwa bengobhongoza balokhu.

“Sisazinikele ekuqhubekeni nobudlelwano obuhle, ukuhloniphana nokusebenzisana okuphakathi kwabaphathi balamaqembu nabo bonke abasondelene nawo,” kusho isitatimende seSundowns.

UMosimane naye uzintinyelelile kwiSundowns, ikakhulukazi abaqeqeshi bayo ethi ubezibambele mathupha eyedwa ekubekeni leli qembu ezingeni kule minyaka eyisishiyagalombili ekulo. Nalu udaba: https://bit.ly/3fazGRu.

Uyivale ngokuthi into azovele ayenze wukuthi aba;ande uGaston Sirino noThapelo Morena kuleli qembu. Iqembu lepolitiki, i-EFF nayo ikhiphe isitatimende ngeSonto ekuseni igxeka lesi senzo sabalandeli beSundowns yanxenxa iSAFA neCAF ukuthi balithathele izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe leli qembu laseChloorkop.
Email: Editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.