Iya eNaturena kulokhu iCarling Cup njengoba iChiefs ishaye iPirates

Iya eNaturena kulokhu iCarling Cup njengoba iChiefs ishaye iPirates
UKhama Billiat noThulani Hlatshwayo
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kunqobe iKaizer Chiefs kwiCarling Cup ngemuva kokushaya izimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

Yize bezihubhana impela futhi kubonakala ukuthi liyafuneka igoli kuwo womabili amaqembu. Kodwa kubonakalile ukuthi sekunesikhathi zagcina enkundleni njengoba bebungekho ubukhali obungabulindela.

IPirates yiyo ebihlasela kakhulu esiwombeni sokuqala futhi ibiwakha amathuba kodwa ifice u-Itumeleng Khune engafuni ukuphoxa abalandeli abamvotelile.

Umdlalo ushintshile esiwombeni sesibili iChiefs yaqala nayo yahlasela ikakhulukazi ngemuva kokwenza izinguquko. UKgaogelo Sekgota ucishe wakora eqala nje ukuthinta ibhola ngomzuzu ka-55.

Ukhahlele ikhona ebitholakale eduze nepali likaRichard Ofori. Kodwa lo nozinti ukwazile ukulivimba ibhola lakhe. Omunye umdlali waMakhosi obesanda kungena, uCole Alexander naye ucishe wakora.

Kodwa uNtsikelelo Nyauza ulivimbile ibhola lakhe laphuma phezu kwamapali. IChiefs beyisicindezela kakhulu futhi ilitholile ithuba lokushaya igoli ngomzuzu ka-74 ibekelwa iphenathi.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uNyauza elithinte ngesandla ibhola engaphakathi ebhokisini. Unompempe UThando Ndandzeka walibiza emlotheni.

FUNDA NALA: UTau ushaye elihle igoli kwiBrighton

Kusukume isethenjwa uDaniel Cardoso eziyikhahlela iphenathi. Kodwa u-Ofori ukwazile ukunwebeka alifice qede waliphebezela kudo ibhola lakhe.

Umdlalo ugcine uphele kungekho goli, kwabe sekuyiwa phansi kwepali iyoqedelwa khona indaba ukuze kube khona owinayo bese equkula indebe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.