Iyabachitha abalandeli emidlalweni yayo iPSL

Iyabachitha abalandeli emidlalweni yayo iPSL
Abalandeli bebhola
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isivele yakuqeda konke ukujabula obekukhona ngokuthi abalandeli sebengase bavunyelwe ezinkundleni emidlalweni yePremier Soccer League le nhlangano.

Abalandeli selokhu bagcine ngaphambi kokuqubuka kweCovid-19 emidlalweni yebhola esemthethweni kuleli.

Kodwa kuleli viki kunyuke amathemba ngesikhathi iSafa nomnyango wezempilo bememezela ukuthi bazovunyelwa emdlalweni webafana ngoLwesibili oluzayo.

Lokhu kubonakale kuyisinyathelo esibheke phambili nesisondeza abalandeli ekutheni babuyele ezinkundleni.

Kodwa sekuthe ngoLwesithathu ntambama iPSL yathi cha akukazukwenzeka lokho okwamanje.

“Sekube nokukhuluma kokuthi sekungenzeka kuvuleleke ukuthi abalandeli badedelwe babuyele ezinkundleni emidlalweni yePSL.

“Lokhu bekulandela inkulumo kamengameli ngoLwesine lomhla ka-30 Septhemba 2021.

“Ngeshwa, umthetho obhekekelele ukusingathwa kokubhebhetheka kweCovid-19 usakuvimbela ukungena kwabalandeli ezinkundleni.

“Isigaba 69(10) sale mithethi siphoqa ukuthi ‘zilandelwe ngokugcwele’ zonke izinseko zale mithetho,” kusho isitatimende esikhishwe yiPSL.

FUNDA NALA: IPSL isibeke uMaMkhize nezakhe uxhaxha lwamacala

Iphinde yacela ukuba abalandeli bakuqonde ukuthi yisimo esivimbayo akukhona ukuthi iPSL ayifuni.

Ithe okwamanje kusazoqhubeka nokukalwa kwesibalo sabantu abavumeleke emidlalweni.

Njengamanje ngisho abezindaba abavunyelwe ngaphandle kwabethelevishini nabemisakazo abethula imidlalo bukhoma.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *