Iyabuyela enkundleni iChiefs ngeSonto: umbiko

Iyabuyela enkundleni iChiefs ngeSonto: umbiko
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Kuyaqhubeka ukuqagela ngokuthi iKaizer Chiefs izobuyela yini enkundleni ngokuya emdlalweni wayo olandelayo kwiDStv Premiership.

Phela leli qembu laseNaturena selilove kwaze kwakabili lingayi enkundleni likhala ngokushodelwa abadlali ngenxa yokuxineka kwabo yiCovid-19.

Amakhosi awazange aye emidlalweni yawo emibili la kwakumele abhekane khona neCape Town City ngempelasonto edlule neGolden Arrows ngoLwesithathu.

Kodwa ngokombiko wabe-TheSouthAfrican leli qembu liphezu kwezinhlelo zokuqhubeka nemidlalo ngeSonto.

IChiefs inomdlalo neSekhukhune United eFNB Stadium ngeSonto kanti kuthiwa nakanjani izoya kulo mdlalo.

“Umdlalo uzoqhubeka njengokuhleliwe. Wonke amalungiselelo awo ayaqhubeka.

“Yonke into imi ngomumo mayelana nalo mdlalo wangeSonto,” kucashunwe umthombo usho kanje ngoLwesihlanu.

Kuthiwa lo mthombo uveze nokuthi kuzothi ngoLwesihlanu ntambama nangoMgqibelo ekuseni kuchelwe eNaturena naseFNB ngezibulala magciwane.

Amakhosi abike ukuthi bangu-36 kubadlali, abaqeqeshi nezinye izisebenzi zeqembu abatheleleke ngalolu bhubhane olukhula ngamawala muva nje.

Impempe ike yabika ukuthi iChiefs ike yazama ukuhlanganisa iqembu ukuze iyodlala ne-Arrows eThekwini kodwa izinto zabuye zabhimba.

FUNDA NALA: ISwallows ‘imbulale’ umoya uThobejane ivuka ngeBaroka

Lokh kwenzeke ngemuva kokuthi kuvele kwaba khona abanye abatholakala benaleli gciwane ngesikhathi bebuya kozigonqa.

“Uhlelo lokuchelwa kulezi zindawo zombili ezisetshenziswa yiqembu kuzokwenzeka namuhla (ngoLwesihlanu) nakusasa (ngoMgqibelo).

“Ngakho iChiefs nakanjani izowudlala lo mdlalo wangeSonto,” uqhube kanje lo mthombo.

Kuthiwa sebekhona abadlali asebebuyile ekuzigonqeni okuzokwenza iqembu likwazi ukuqhubeka nokudlala.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.