Iyamthimulisa uMngqithi eyokuxoshwa kukaHunt kwiChiefs

UManqoba Mngithi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi ubona sengathi iKaizer Chiefs ivumele ukulawulwa yimizwa ngesikhathi iqoka ukuhlukana nobengumqeqeshi wayo, uGavin Hunt.

Lo mqeqeshi osanda kuwina isicoco seligi uthi amaqembu kumele ajike ukwenza manje, abe nesineke kubaqeqeshi. Uthi kumele banikezwe isikhathi esanele ukugxilisa izindlela zabo zokudlala eqenjini.

“UGavin Hunt ufikise iChiefs la beyingakaze ifike khona phambilini, kodwa manje usexoshiwe. Kodwa ke kunjalo vele la ebholeni lethu,” kusho uMngqithi.

UHunt ufake iChiefs emidlalweni eyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League. Bekungokokuqala leli qembu laseNaturena lifika kulesi sigaba njengoba selizobhekana neWydad Athletic yaseMorocco ngeviki elizayo.

“Sivele sishintshe abaqeqeshi ngenxa yokuthi silalela imizwa kwesinye isikhathi. UGavin Hunt usewine iligi amahlandla amane. Unebhola lakhe alidlalisayo, ngakho ngeke uthi bewungazi ukuthi uzodlalisa ibhola elinjani…

“Uma sewuzovele uthi awusaneme ngesitayela sebhola alidlalayo, kanti bewumsaphi kwasekuqaleni ngoba ngeke umshintshe kulokhu abekwenza yonke le minyaka.

“Okuxaka kakhulu wukuthi uxoshwa nje ubengakalitholi ithuba lokusayina abadlali abazokwazi ukudlala ibhola alifunayo,” kuchaza uMngqithi.

“Sekuyisikhathi sokuthi sikholelwe kubantu bakithi. Mina ngiyakholelwa kubaqeqeshi bakuleli. Benza umsebenzi omuhle yize izinsiza zingenele.

“Ngisho amaqembu angangenanga kwiTop 8 njengeCeltic kanje. Izinkinga eziyikhungethe ziyaziwa kodwa indlela edlala ngayo iyakutshela ukuthi abaqeqeshi bakuleli bayawazi umsebenzi.

“Amaqembu kumele afunde ukuba nesineke kubaqeqeshi – kungaba owakuleli noma owokuhamba. Amaqembu ahlale exosha abaqeqeshi yiwo asidonsela emuva.

“Yiwo agcina enezinkinga. Ibhola lidinga isineke sokugxilisa indlela yokudlala kubadlali. Kukangaki nje le ligi iwinwa abaqeqeshi bakuleli?

“UPitso (Mosimane) uyiwine kahlanu. UGordon Igesund wayiwina kane, noGavin Hunt uyiwine kane. Bangaki abaqeqeshi bangaphandle abayiwinile? Lokhu kumele kukutshele ukuthi abaqeqeshi bakuleli bayawazi umsebenzi wabo.

“Ngingazwakali kabi, anginankinga nabaqeqeshi bangaphandle uma befika kuleli benze umehluko. Ngiyamthanda kakhulu u-Ernst Middendorp njengomqeqeshi. Ngangimthanda oFope De Haan.

“Ngangimthanda uMuhsin Ertugral… anginankinga kodwa umqeqeshi wangaphandle kumele uma efika kuleli asenze sibone ukuthi kukhona okusha esingakufunda kuye,” kucacisa uMngqithi.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.