Iyamxhila uBenni eyokufakwa kwabangadlali emaqenjini abo kwiBafana

Iyamxhila uBenni eyokufakwa kwabangadlali emaqenjini abo kwiBafana
UBenni McCarthy
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi waMaZulu FC owaziwa ngokungafihli lutho, uBenni McCarthy uxhilekile ngendlela okuqokwa ngayo abadlali kwiBafana Bafana.

Into ekhathaza lo mqeqeshi oyawengumgadli ongalibheki ipali ngezikhathi zakhe kwiBafana, ukuthi kunabadlali abaziwa bakuliphi izinga ngokulungela ukudlala abafakiwe esikwatini.

IBafana ilungiselela ukudlala neZimbabwe ngempelasonto emdlalweni obalulekile wokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo.

Izobe seyiphinda idlala neGhana ekhaya ngasekuqaleni kwesonto elizayo. Umqeqeshi weBafana ufake izitobha zeKaizer Chiefs oThabani Dube noNjabulo Ngcobo eqenjini lakhe.

Bobabili laba badlali abakadlali kule sizini, Ngaphezu kwalokho ulande noPercy Tau obesanda kusayina kwi-Al AHly esuka kwiBrighton and Hove Albion.

“Siqoka abadlali abangadlali emaqenjini abo. Abanye babo abakalithinti kwakulithinta ibhola kule sizini,” kukhala uMcCarthy.

“Kodwa baqokelwe eqenjini lesizwe futhi silindele ukuthi siphumelele. Amanye amaqembu esizwe abophele abadlali abadlala nsuku zonke emaqenjini abadlala kuwo.

FUNDA NALA: UTau uthi kunento angeke ayiveze emenze washiya phansi kwiBrighton

“Awaqokanga abagcina ngokujima uma amaqembu abo ezicija kuphela,” kusho uMcCarthyb engxoxweni abe nayo nabeSouth African Football Journalists Association(Safja).

“Uma abadlali abadlala kwamanye amazwe bengadedeliwe, kumele kuqokwe kwabasekhaya futhi bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi.

“Ngokokuthi sibaqoka kanjani abadlali, kwesinye isikhathi kukushiya udidekile emqondweni ngoba ngibona abadlali abaqokwe ngenxa yabakwenza kwiCosafa Cup.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.