Iyashosholoza iyosithela naso isicoco seligi iSundowns

UKhuliso Mudau weMamelodi Sundowns

SIHLE NDLOVU

IMamelodi Sundowns ilokhu isondela ekuqukuleni indebe yeDStv Premiership njengoba ilule igebe ngokushaya iTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weligi eMbombela Stadium, ngeSonto.

AmaBrazilians asevule igebe lamaphuzu ayisikhombisa esicongweni, futhi akubukeki sengathi likhona iqembu elizowagudluza. Empeleni iSundowns isashaywe yiKaizer Chiefs kuphela emidlalweni yeligi kule sizini njengoba sekusele imidlalo emine kuphela ukuthi isongwe.

Iqembu elilandela iSundowns ngaMaZulu FC anamaphuzu angu-50 kanti amaBrazilians asena 57. Usuthu lungakwazi ukuhlanganisa amaphuzu angu-62 uma lungawina yonke imidlalo esele.

Lokhu kuchaza ukuthi emidlalweni emine esele uma iSundowns ingawina emibili iyobe isihambe naso isicoco seligi ngoba izoba namaphuzu angu-63.Ngasohlangothini lweGalaxy isabambelele endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-32 kodwa ngemuva kwayo kukhona iChiefs ezabalazela ukungena kwiTop 8 ngamaphuzu angu-29.

Ezintini seSundowns bekukhona uKennedy Mweene njengoba kuvele ukuthi uDenis Onyango usathe shelele ngakubo. Umdlalo uqale njengenjwayelo kuyiSundowns ebiphethe ibhola isikhathi esiningi.

Lokhu kuphatha ibhola kugcine kuthele izithelo ezinhle ngesikhathi uPeter Shalulile eshaya igoli ngomzuzu ka-17. IGalaxy izamile ukubuya nokuthe ngomzuzu ka-32 yathola iphenathi ngemuva kokuthi ibhola lishayeesandleni sikaMosa Lebusa esebhokisini.

ULindokuhle Mbatha uvele wenza umhlolo eshaya iphenathiephuphile wayivimba kakulula uMweene. Ngesiwombe sesibili akukho okutheni okwenzekile kodwa okuhlalukile ukuthi uMweene ubeseholidini.

Ngaphandle kokuvimba iphenathi akukho okunye okwenziwe yilo nozinti ngesiwombe sesibili. Umbatha ogeje iphenathi akabange esabuya ngesiwombe sesibili nokuchaza kona ukuthi u-Owen da Gamaimcasulile into ayenzile.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.