Iyasinyonyobela isicoco iStars, iRich Boyz iyadunguzela

OKADONGA GUMBI

Kukhona okusina kuyiqalaza iRochards Bay esiphinde yalahla amaphuzu ishaywa wuThongathi emdlalweni weGladAfrica Championship ngoMgqibelo ntambama.

IBay beyinethuba lokuthi ngabe kumanje inegebe lamaphuzu ayisithupha kodwa seyihlaselwe yisifo esibi sokulahla amaphuzu muva nje.

Emdlalweni wangoMgqibelo obusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, iCane Cutters beyimuka nabo labomakhelwane njengoba ike yabahubhisa u 2-0 ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala.

NguFrancis Baloyi olivalele enethini sekusele imizuzu emibili kuyiwe ekhefini. Kuthe kusaphele emibili kubuyiwe, uSabelo Shabane wawuqansisa umsebenzi wezikaSimo Dladla, eshaya elesibili.

Elokuyobika ekhaya eMhlathuze ukuthi nempela bafikile KwaMashuz bangena nasenkundleni libaselwe phakathi nguPaseka Sekese sekusesikhathi sikanompempe.

Emidlalweni emihlanu edlule, iBay seyithole isibhaxu kwemithathu, yawina emibili okuyinto ewaphazamisa kakhulu amaphupho ayo okungena egijima kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini.

Kungenzeka ilale seyisendaweni yesibili ngeSonto uma iSekhukhune United siwina kwiJomo Cosmos abazodudulana nayo ekhaya ePolokwane.

Okuzoyiqinisa idolo iNatal Rich Boyz wukuthi isenomdlalo ewugodlile, okungathi uma iwuwina iphindele phezulu negebe lamaphuzu amabili.

Njengoba iBay seyibonakala iphelelwa ngamabfla, amanye amaqembu asefaka amandla kakhulu ukuze uma iqhuzuka, ayidlule ashaye intambo kuqala.
Elinye lalawo maqembu yiFree State Stars ka-Allan Freese esinyukele endaweni yesihlanu kanti isilele emuva ngamaphuzu amabili kwiRich Boyz.

IStars ishaye iJDR Stars ngo 2-1 ukuze izibeke ethubeni elihle lokuthi ingakwazi ukubuyela esigabeni esiphezulu kwazise lokhu kungaba yindlela enhle yokuhlonipha umsunguli wayo, uMike Mokoena oshone ngonyaka odlule.

Imiphumela: Cape United 1 Royal AM 1; Free State Stars 2 JDR Stars 0; CT Spurs 1 Bizana 2, Urhongathi 2 Bay 1; Sporting 3 Tuks 0.
Kusasa: Polokwane City v CT All Stars; Sekhukhune Utd vs Jomo Cosmos

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.