Iyeke amathuba, yalahla amaphuzu iSundowns ibanjwa yiLeopards

OKADONGA GUMBI

Usale enikina ikhanda umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi ngemuva kokubuka ezakhe ziyeka umdlalo ebezingawuwina kalula zobhekene neBlack Leopards emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto kusihlwa.

Indlela washeshe ngayo ukushaya igoli, futhi iphethe ngayo umdlalo yenze kwabonakala izozidlela amahlanga kulo mdlalo obuseLoftus Versfeld.

Futhi izinto bezibukeka ziyicindezele iLeopards kulo mdlalo njengoba kusheshe kwacaca ukuthi kuzoba wusuku olunzima kuyo kulandela ukuba iphoqeleke ukwenza uguquko umdlalo usanda kuqala.

Isitobha uKenneth Nthatheni siklunyuke umsipha wethanga kwadingeka sishintshwe.

Kodwa ngaphambi kwalokho, izinto bese zivele ziqalile ukubheda njengoba iBrazilians ibivele ihamba phambili ngegoli likaMosa Lebusa.

Abe maningi ke nokho amathuba ewayekile iSundowns njengoba bekumele iye ekhefini seyihamba phambili okungenani ngo 3-0.

Kuthe sekubalwa imizuzu kuyiwe ekhefini, kwayiphinda lokho iLeopards uSibusiso Khumalo eshayeka kabama emphinjeni, naye kwadingeka aphume.

Kuke kwamiwa isikhathi eselashwa waze waphuma esethwelwe ngohlaka kanti kuvele ukuthi uke wahlaselwa nayisifo sokuwa kuwo lowo mnyama.

Nokho ugcine eba ngcono njengoba ebuyelile wayohlala nozakwabo abebesebhentshini.

Nasesiwombeni sesibili iSundowns beyisawamosha amathuba, mhlawumbe obekwenziwa wukuthi izethenjwa zayo ekushayeni amagoli, oPeter Shalulile noKermit Erasmus bezingekho.

UShalulile umisiwe umdlalo owodwa kulandela ukuthola ikhadi lesine eliphuzi bebhekene neStellenbosch.

U-Erasmus yena walimala kuwo lo mdlali weStellies kanti usazohlala isikhathi esicela noma esingaphezulu kwenyanga engabonakali eqenjini esalashwa.

Ukungawashayi kweSundowns amagoli kunike iLeopards ithemba lokuthi isangayithola intuba yokuthi okungenani iphume nephuzu kulo mdlalo.

Kuneziqutshana la beyihlasela kuvalwe amehlo, kodwa yehluleke ukubhakuzisa inethi.

Igcine ilitholile elokulinganisa ngomzuzu ka-80, uRodney Ramagalela epotshozela uRoderick Kabwe elihle ibhola, lo mdlali waseZambia wavele walidla ngesithende walizwa ngendaba uDenis Onyango.

Womabili amaqembu azamile ukuthola elokuwina kodwa kwangalunga. Nokho lo mphumela awenzi mehluko otheni kuwo womabili lamaqembu kwazise iLeopards isasemsileni kanti neSundowns isazihlalele ngokunethezeka phezulu kwilogi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @Impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *