Iyeyisa nje le pigogo ewuBenni McCarthy, unolimu olibi sidalo

IChiefs ingashaya kwasani ephambi kwalo uma ivunywe izinto: Benni
UBenni McCarthy

UMBONO

UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UBenni McCarthy oqeqesha AmaZulu FC kusafanele afunde ukuhlonipha abanye abantu, ahlukane nokuziphakamisa.

La emlonyeni kaBenni kuyaziphumela nje futhi kade ayededela, esina ezibethela kwabanye abaqeqeshi.

Ngifuna ukusheshe ngicacise ukuthi ngizwile kuthiwa uKaitano Tembo, oqeqesha iSuperSport United, uyena oqale wambiza ngaphansi kweziketi zikanina uBenni.

Bekungemuva komdlalo woSuthu namaTsatsantsa a Pitori ngoLwesibili. Nokho engikwaziyo ukuthi uTembo akanawo umlando wokuthuka abantu futhi akazwakalanga ethuka uBenni.

Ngakolunye uhlangothi uBenni uzwakele ethi ‘yikho nje uyohlale uhlupheka.’ Okwenza ukuthi ngithi uBenni kumele ahloniphe abanye abantu, ukuthi akaqali ukukhuluma ukuthanda kwakhe kubaqeqeshi bakuleli.

Ngesikhathi esadlalela i-Orlando Pirates uBenni wake washo ukuqeda u-Eric Tinkler benoRoger de Sa besaqeqesha iBidvest Wits.

Nalapho u-McCarthy watshela laba baqeqeshi ukuthi angabaholela bobabili. Waze washo nokuthi yena usezuze lukhulu ebholeni kunabo bobabili behlangene.

Akugcini lapho ngoba uBenni wake wabiza unompempe uPhillip Tinyani ‘ngenkomo’ ngemuva kokuthi iqembu ayeliqeqesha ngaleso sikhathi, iCape Town City lalishaywe yiChippa United eMdantsane.

Wagcina ehlawuliswe uR50 000 kuphela yiPremier Soccer League (PSL). Ngiyazi ukuthi uBenni uzuze izinto ezinkulu kunabo bonke abadlali bebhola baseNingizimu Afrika.

Ngazi kahle futhi unemali eningi ‘angaholela’ inqwaba yabantu kungezweli. Nokho angikaze ngizwe kuthiwa ukwenzile lokho.

Okunginenga kakhulu ngaye ukuthi njalo uma exabana nomuntu kumele aveze ukuthi yena unemali nokuthi yini aseyizuzile.

Ngesinye isikhathi noma umuntu kunguyena okusukelile kugcina kunguwena omubi uma waziwa ngokuthi uyeyisa, uyaqhosha futhi awubazi nhlobo abanye abantu.

Ulimu lukaBenni aluqoqekile nakancane futhi lokho kwaziwa yinqwaba yabantu abalandela ibhola kuleli.

Imali ayikhona konke ngakho uBenni kumele asimele kancane ngokusiqhoshela ngokuba yisigwili kwakhe.

Kumayelana nani nje ukutshela omunye umqeqeshi ukuthi uyohlale ehlupheka? IPremier Soccer League (PSL) kumele ibabize bobabili uBenni noTembo ukuze kugwemeke lokhu okwenzeke ngoLwesibili.

FUNDA NALA: UMaMkhize usebhekene nelinye icala elibi kwiPSL

Nokho ngiyakugcizelela ukuthi umuntu oqhuba intwala ngewisa futhi owaziwayo – uBennedict Saul McCarthy.

Lo mqeqeshi uzibona ephuzulu kunabo bonke abantu ebholeni laseNingizimu Afrika ngoba nakhu nje wake
wawina i-Uefa Champions League neFC Porto.

Impumelelo kaBenni ngeyakhe akekho omunye ongene kuyona. Siyaziqhenya ngokuthi waphakamisela phezulu ifulegi laseMzansi emazweni kodwa kuyaphoxa kakhulu ukuthi akakwazi ukuqoqa ulimu lwakhe.

Ngabe nje yena uBenni uhlale esukelwa kuzona zonke izigameko lapho eshiya khona angalazi? Angikholwa ukuthi kunjalo, yingoba nje ikhanda lakhe ligcwele upelepele lo obaba kakhulu, obomvu.

Ngiyazi omunye uzothi ngithatha amasayidi kodwa akunjalo. Ngicikwa nje ukuba yipigogo kukaBenni okuyinto akade ayiqala ngisho esadlala. Kumele azi ukuthi umhlaba uyahlonishwa uBenni. Shwii!!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.