Iyilahle ekugcineni iNingizimu Afrika ishaywa yi-England

Iyilahle ekugcineni iNIngizimu Afrika ishaywa yi-England
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

INingizimu Afrika iwudedele ekugcineni umdlalo ngesikhathi ishaywa yi-England ngo 27-26 eTwickenham Stadium eLondon ngoMgqibelo.

AmaBhokobhoko abehamba phambili sekusele umzuzu owodwa kuphela ukuthi kuphele umdlalo.

Nokho enze iphutha adala iphenethi ewinise amaNgisi.

Umdlalo ubunzima kakhulu nokucaciswe ukuthi amaBhokobhoko akwaze ukuthola itry eyodwa eshaywe uMakazole Mapimpi ngomzuzu ka-69.

I-England ibilokhu ihamba phambili kulo mdlalo njengoba ishaye ama-try amathathu.

Ngasohlangothini lweNingizimu Afrika bekuzama uHandre Pollard oqobele phakathi amaphuzu angu-15 ngaphambi kokuthi aphume.

Nokho uPollard uke wamosha njengoba egeje amaphenathi amabili abengenza umehluko omkhulu.

UMapimpi ushaye itry yakhe yesi-20 kulo mdlalo, kanti usenamaphuzu angu-100 emidlalweni yamaTest.

Abashaye ama-try e-England kube uFreddie Stuart (amabili) noRaffi Quirk oshaye ebaluleke kakuhlu ngomzuzu ka-65.

Ompetha bomhlaba baqede umdlalo bengasaphelele ngenxa yokukhishwa kukakaputeni uSiya Kolisi ngekhadi eliphuzi.

FUNDA NALA: ISundowns isinde kukubi kwiCity 

Ngaleso sikhathi ne-England ibisiwu-14 ngenxa yokukhishwa komdlali wayo ngalo ikhadi eliphuzi.

Umdlalo phakathi kwala maqembu uhlale unzima kakhulu.

Yiwona adlale owamanqamu weNdebe yoMhlaba ngo-2019, lapho kwawina khona amaBhokobhoko, abuya nayo indebe eJapan.

Ohambeni lwaseGreat Britain iNingizimu Afrika ishaye iWales ngo 23-18 neScotland eyiguqise ngo 30-15.

Kuyo yonke lemidlalo kugqame ukudlala kahle kukaMapimpi obewaqobela kalula ama-try.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.