Izakhele umqansa iPirates ibanjwa ekhaya

UThulani Hlatshwayo

OKADONGA GUMBI

Seyithanda ukuqansa indlela ye-Orlando Pirates kwiCAF Confederation Cup njengoba ivumele iRaja Casablanca ukuthi ithole igoli lasekuhambeni bebambana ngo 1-1 e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

Nokho ithuba lisekhona kodwa sekuyasinda uma ubheka indlela ebidlala ngayo isekuhambeni iRaja yaseMorocco. Kodwa uma ingadlala ngokulingana kube namagoli, iPirates isengadlulela phambili ngomthetho wegoli lasekuhambeni.

IRaja beyingazibekile phansi ikhombisa ukuthi iyakwazi ukubaluleka kwegoli lasekuhambeni emidlalweni enemilenze emibili. Indlela ebidlala ngayo beyikhombisa ukuthi kungani ingelinye lamaqembu asatshwayo emidlalweni yeCAF.

Nokho nePirates, ibikhombisa ukuthi isekhaya, ingavumeli leli qembu laseMorocco libalawule. Kodwa amathuba abengaveli kahle. Kuze kwaba nguVincent Pule osiza iBucs ngokuyibeka phambili ngomzuzu ka-40.

Uthole ibhola elide ebelisuka emuva, walidluliselwa kamnandi nguDeon Hotto wabe esekhombisa ubuchule elishaya lameqa unozinti obesephumile ezomhlangabeza.

Ibe seyiqala idlala ngokuzethemba ngemuva kwalokho. Kodwa bekucacile ukuthi kumele izibambe ziqine ngoba neRaja beyingazibekile phansi. Futh nje libe nebhadi leli qembu lasenhla ne-Afrika ngomzuzu ka-58 lincishwa iphenathi kade uNtsikelelo Nyauza elithinte ngesandla ibhola engaphakathi ebhokisini langakubo.

Emizuzwini emibili ukusuka lapho, iRaja ilitholile igoli lokulinganisa ngonyawo lukaBen Malango. Ayizange yenze okujwayelekile ukuthi ihlale emuva ngemuva kwaleli goli, kodwa iqhubekile yashoshela ifuna elinye.

Sekusele imizuzu eyisishiyagalombili uphele umdlalo, uHotto udlale ngelihle ithuba. Ubephakelwe elihle ibhola engaphakathi ebhokisini leRaja lisuka kuPaseka Mako okhuthuze izitobha ezimbalwa ngaphambi kokulinika uHotto.

Lo mdlali waseNamibia uvele watatazela ezama ukukhahlela kodwa wehluleka waze wagcina eselilahla ethi uzama ukulidlulisela komunye umdlali.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.