Izehlisele umthwalo iChiefs iphuma newini kwiWydad ekuhambeni

Izehlisele umthwalo iChiefs iphuma newini kwiWydad ekuhambeni
Abadlali beKaizer Chiefs bejabulela igoli
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ibhola liyagingqika. IKaizer Chiefs ikhumbuze abaningi abese bebonakala sebakukhohlwa lokhu ishayela iWydad Athletic ngakubo emdlalweni omqoka weCAF Champions League ngoMgqibelo ebusuku. Bekuwumdlalo womlenze wokuqala esidabeni semidlalo eyandulela owamanqamu eStade Mohammed V, eCasabkanca.

Manje iChiefs seyifake umlenze wayo owodwa emdlalweni wamanqamu kulo mqhudelwano eyawuqala kungabhekwe lutho kuyo. Osekusele wukuthi iChiefs iqinisekise ukuthi ayihlulwa uma seyisekhaya eFNB Stadium ngoJuni 26.

IChiefs isebenzise icebo okufanele ukuthi belilindelekile lokuzihlalela emuva, ivale zonke izintuba ebezingafaka amanzi endlini. Lisebenzile ke leli cebo njengoba iphume iwine ngo 1-0.

Umthwalo omkhulu manje usukuleli qembu laseMorocco osekumele ifike iwine ngamagoli amabili kuleli emdlalweni womlenze wesibili.

IKaizer Chiefs iye ekhefini ihamba phambili. Iqale lo mdlalo ikhombisa ukuthi kukho konke okuzeokwenzeka kulo mdlalo, engakudingi ukuhlulwa. Iqale umdlalo ingapakile ngisho ibhasi, kodwa idlule ePark Station eGoli yaboleka isitimela ngaphambi kokulibangisa eMorocco, yafike yapaka sona.

Liyisebenzele leli cebo ngasekuqaleni komdlalo njengoba ikwazile ukuvimba lezi zimbangi zayo ukuthi zingakwazi ukudlala ngokukhululeka. Nokho ngokuhamba komdlalo ziqalile zakwazi ukuthola izintuba zokusondela emapalini kaBruce Bvuma.

UBruce Bvuma ubenqaba kwasani olusondela enethini yakhe

Kodwa zifice lo nozinti engezwile, efuna ukukhombisa ukuthi kungani kwethenjwe yean ngaphezu kuka-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi.

Buka nje ngomzuzu ka-29 uvimbe elibi ibhola, obekungekho noyedwa obengamsola ukuba limdlile. Umgadli weWydad ugxume wazidlula izitobha zeChiefs, walingqofa kahle ibhola, kodwa uBvuma walifica, walixhimfela phezu kwepali.

Iqalile ke iWydad lo mkhuba wayo wokuzama ukuthenga onompempe, abadlali bayo sebevele begxumise okomziki uma beke bathinteka. Kodwa bakhohlwe ukuthi kulokhu kukhona iVAR.

Kuthe kusenjalo, iChiefs yawugila umkhuba abebengawulindele. Ihlasele ngokuzuma, ibhola ebeligotshwe ngakwesokudla lahlangana noSamir Nurkovic, walinamathisela enethini.

Umsizi kanompempe uliphikile, kodwa abeVAR bamphikisa balikhomba emlotheni yahamba phambili iChiefs. UBvuma uphinde wavimba amanye amabhola anzima ngasekupheleni kwesiwombe. Kuyiwe ekhefini iChiefs ihamba phambili.

Nasesiwombeni sesibili iChiefs iqhubeke necebo layo lokuyiyeka nje iphathe ibhola kodwa bese ivala izikhala zokuthi ilisebenzise ngendlela efisa ngayo iWydad.

Ibona ukuthi izintuba zokudlula aziveli, ize yagcina seyizama ikude kodwa uBvuma wenqaba, wathi cha angivumi lutho oluya enethini yami.

Izame yaze yagcina idelile iWydad ukuthola okungenani igoli lokulinganisa, kodwa kwala khona ukwenza.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *