Izembe leChiefs likhale kuParker kwakikizwa kuthiwa liphume nobomvu

Izembe leChiefs likhale kuParker kwakikizwa bethi liphume nobomvu
UBernard Parker ogxalwe yiKaizer Chiefs ngoLwesihlanu
OkaDonga Gumbi

Liqhubekile nokukhala izembe kwiKaizer Chiefs kanti kulokhu likhale kuBernard Parker kwaqhuma umkikizo kubalandeli abebethi liphume nobomvu.

IChiefs iqale ngasekuqaleni kwaleli viki ukuqhumisa izembe kubadlali nabaqeqeshi engasabadingi eNaturena kanti ukusala kukaParker kubakhubile abanye babalandeli.

Nokho isifiso sabo sifezekile ngoLwesihlanu ntambama ngesikhathi leli qembu limemezela ukuthi naye uParker uyashiya eNaturena njengoba inkontileka ingavuselelwanga.

“Ngeshwa iKaizer Chiefs ngeke iyivuselele inkontileka kaBernard Parker uma seyiphela ekupheleni kukaJuni ka-2022,” ibhale kanje iChiefs kwiTwitter.

FUNDA NALA: IPirates ilume yapholisa kuhle kwegundwane ixosha uDavids

UParker, usefana nensephe yeChiefs, uzoshiya kuleli qembu ngemuva kokusebenza kulo iminyaka engu-11.

“Wafika kwiChiefs ngo-2011 esuka kwiFC Twente yaseHolland kanti udlale imidlalo engu-359 kuMakhosi washaya inethi amahlandla angu-62.

“Ikhono lakhe elimangalisayo lisize iChiefs yawina izindebe ezine okukhona kuzo nezeligi azimbili. Ukuziphatha kahle kwakhe uma esemsebenzini noma esengaphandle bekuyisibonelo kubadlali abasebancane.”

U-Alex Sithole uphendule ngokufaka isithombe sosisi odansayo wabe esesiphelezela ngombhalo othi: “Siyabonga kwiKaizer Chiefs.”

Baningi nabanye abayincomile iChiefs ngalesi sinyathelo sokudedela uParker ahambe ayozama engxenye kant abanye abakuthandanga lokho.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.