Izembe lisaloliwe kwiBlack Leopards

Abadlali beBlack Leopards engase ivakashele ehlathini

SIHLE NDLOVU

IBlack Leopards izamile ukubuyisa ithemba lokungashoni ehlathini ngesikhathi ibambana neSuperSport Unitet ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership eThohoyandou Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Njengamanje leli qembu laseLipompo liyibambe emsileni kwi-log yePremiership kanti maningi amathuba okuthi lishone kwalasha.

Bekucaca ukuthi womabili amaqembu abefuna ukushaya igoli zisuka. Bekwaziwa vele ukuthi iLeopards izolwa ngoba iyibambe etinya (emsilaeni) kwi-log yeDStv yePrimiership, futhi iqhantuzela ukuthi lingayigawuli izembe.

Kuthe ngomzuzu ka-17 iSuperSport yacacisa ukuthi ayidlali, uSipho Mbule walibeka enethini. Ngemuva kwalokho kube umshikashika zishukana kubonakala ukuthi iLeopards ifuna elokulinganisa.

Kuthe ngomzuzu ka-28 layiqabula inethi ibhola, igoli lishaywa ngu-Ovidy Karuru, yalinginisa iLeopards. Ziye khefini kungu 1-1 kodwa yiLeopards ebibukeka iyingozi uma iya phambili.

Ngesiwombe sesibili iLeopards iqhubekile nokuya phambili kwasiza uGeorge Chigova obengafuni lutho emapalini eSuperSport. Ngomzuzu wokugcina ngci iLeopards incishwe igoli kuthiwa umdlali wayo ubesendaweni engamfanele. Kubukeke sengathi unompempe nimsizi wakhe wenze iphutha ngesikhathi sekubukwa ngokucothayo kwithelevishini.

Umdlalo ugcine uphele ngo 1-1 okungayiniki into etheni iLeopards njengoba isahlezi ekugcineni. Emdlalweni olandelayo iLeopards izobhekana neTshakhuma FC nayo evika izembe. Umdlalo wala maqembu uzoba ngoMeyi 1 ePeter Mokaba Stadium ngo-5 ntambama. Kulokhu kubukeka kuhwalala kwiLeopards njengoba nemidlalo iya ngokuncipha. Lisaloliwe izembe kwiLeopards.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.