Izenze igundwane i-Arrows iluma iphephetha, yayiyeka kanjalo iSundowns

Arrows
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Izenze igundwane iGolden Arrows yaluma yaphephetha idlala ngokulingana neMamelodi Sundowns  eSugar Ray Xulu Stadium ngoMqgibelo ntambama.

Lo mdlalo bekungowomlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN 8. Esiwombeni sokuqala i-Arrows beyiluma kuphela ingabhedile.

I-Arrows ikhombisile ukuthi isekhaya futhi ngeke ivume ukuphendulwa iminqolo njengoba ibingayniki ithuba okuthi ilawule umdlalo iSundowns.

Futhi negoli isheshe yalithola njengoba kuthe ngimzuzu wesithupha uNqobeko Dlamini wavuthulula ishodi engaphandle kwebhokisi, lamudla uDenis Onyango.

Iqhubekile ngemuva kwalokhu kwayiyo eyenza kahle kulo mdlalo. Nokho iSundowns nayo ibuyile ngasekugcineni yazama ukuhlanganisa iminyakazo.

Nokho akukho ubungozi obutheni ebuvezile kwaze kwayiwa ekhefini kuseyi-Arrows ehamba phambili ngegoli elilodwa.

Esiwombeni sesibili i-Arrows beyisiphephetha kuphela njengoba beyivika ivikile iSundowns ifika iphindelela ifuna igoli lokulinganisa.

ISundowns isiqale kahle isiwombe sesibili kuyiyo ehalselayo. Futhi kube yishwa nje likaGrant Kekana ukuthi engakori njengoba ibhola lakhi liphume phezu kwepali ebe ephansi kwalo.

FUNDA NALA: Bumphoxile uMcCarthy ubunqolo bukaPercy Tau

Ukuhlasela kwayo kugcine kuyizuzisile. Kuthe sekusele imizuzu emihlanu umdlao uphele uThabiso Kutumela ugobe ibhola kwesokudla.

Uthe uyalivimba uSifiso Mlungwana kodwa lawela phambi kukaPavola Safranko ongabange esananaza, walinamathisela enethini.

Umdlalo womlenze wesibili uyoze ube ngasekupheleni kukaSepthemba bese owamanqamu ube ngasekuqaleni kuka-Okthoba.

Cishe lamaqembu azobe esehlangene kangcono ngaleso sikhathi kwazise azobe esedlale nemidlalo embalwa yeligi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.