Izibabuli ezintsha zeSundowns zijabule ngokwamukeleka eChloorkop

Izibabuli ezintsha zeSundowns zijabule ngokwamukeleka eChloorkop
UNeo Maema
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Cishe bebewutholile umoya wokulwela impumelelo okuthiwa uhlale uvunguza eChloorkop abadlali abasanda kujoyina iMamelodi Sundowns. ISundowns, evele ineqembu okufanele ukuba lihalelwa yiwo wonke umqeqeshi kuleli, iqinise ngabanye abadlali abahle.

Isanda kusayina oPavol Safranko, Thabiso Kutumela, Neo Maema, Divine Lunga, Sifiso Ngobeni noGrant Kekana. Laba ngabadlali abazivezile emaqenjini abasuka kuwo ukuthi bayingozi kanjani futhi bazokwenza leli qembu libe yingozi kakhulu.

“Ukuza kwiSundowns yinto enkulu kimi. Kuyajwayeleka kahle kodwa bekungelula. Ozakwethu bakwenze kwaba ngcono ngoba basemukele kahle,” kusho uMaema.

Leli nxele elineminyaka engu-25 lihle uma lihlasela kodwa abaningi bakhala ngokuthi iSundowns isheshe yamthatha kwiCeltic engakavuthwa kahle. Akukacaci noma izophinde ibolekise ngaye yini kwazise inenqwaba yabadlali kule ndawo adlala kuyo.

Kodwa yena uzimisele ngokuhlala alwele ukungena eqenini likaManqoba Mngqithi noRulani Mokwena eliqala imidlalo. UMaema uthe ukuba khona kwabadlali abazi besekwiCeltic bonke kumsizile ekutheni asheshe ajwayele eChloorkop.

“Baningi abadlali engingathi ngingumngani nabo lapha engingabala kubo uMshihi (Themba Zwane) no-Aubrey Modiba. ULyle Lakay no Thapelo Morena (abake badlala kwiCeltic phambilini) yibo abangifake ngaphansi kwabo bangikhombisa ukuthi izinto zihamba kanjani lapha.

“Kusenalokho kuzwana okusukela sisesonke kwiCeltic, sinobudlelwano obuqinile futhi sisaqhubeka nokubuqiinisa,” kuchaza uMaema. ULunga, naye oneminyaka engu-25, uthe usaphatheke kahle futhi sekuze kubuhlungu isisu amancoko aqhuma ekhempini yaleli qembu eChloorkop.

“Kuyajwayeleka impela,” kusho lo mdlali obegijima kwiGolden Arrows ngesizini edlule. “Bangiphethe kahle kakhulu ozakwethu. Abanye babo bayathanda ukwenza amancoko kuhlekwe. Ngicabanga ukuthi lokho kwenze kwaba lula ukuthi ngijwayele ngoba ngingumuntu othandayo ukuhleka.

FUNDA NALA: Kuthiwa awavele akhohlwe okwamanje awakuleli asehalela uThabo Cele

“Angikhulumi kakhulu kodwa uma kukhona oqhulula amahlaya, ngiyahleka bese ngijwayelana nabo kalula,” kusho yena ngesikhathi sasihlale eChloorkop. ISundowns izovula isizini entsha ngomdlalo onzima neKaizer Chiefs kwiMTN8. IChiefs yilona kuphela iqembu elikwazile ukushaya iSundowns ngesizini edlule emidlalweni yeligi.

Kuzothatha amehlo ukubona ukuthi bangaki kulaba badlali abasha abazoqala lo mdlalo ozoba nempelasonto ka-Agasti 14. KwiDStv Premiership, iSundowns iyovula naMaZulu FC.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.