Izichithela isikhathi iRoyal AM ngokuya kwiCas, kusho oweSekhukhune

Izichithela isikhathi iRoyal AM ngokuya kwiCas, kusho oweSekhukhune
OkaDonga Gumbi 

Ummeli weSekhukhune United, u-Advocate Karabo Mathang-Tshabuse, ukholwa wukuthi iRoyal AM izichithela isikhathi sayo ngokufaka udaba lwabo kwiCourt of Abritration for Sport.

IRoyal AM yafaka udaba lwayo lokufuna ukubekwa njengompetha beGladAfrica Championship, kule nkantolo.

Kodwa ngemuva kokwenza izethulo zokuqala, iSekhukhune inyukelwe yithemba lokuthi zizochithwa ezikaMakhize.  

“Luhlaleliwe udaba. Zonke izinhlaka ezithintekayo okuyiRoyal AM, iPSL neSekhukhune United, zibe sezifaka izethulo zazo kanti umphumela sesowuzwa ngo-Ephreli 29,” kusho uMathang-Tshabuse kwabeSunday World

“Uma kutholakala ukuthi kufanele lulalelwe kule nkantoko, uma iCas ithi inalo igunya lokuhlulela kulolu daba, izobe seyisinika usuku oluzolalelwa ngalo. 

“Kodwa aliqinile icala labo. Lolu daba selufakwe kuzo zonke izinkantolo kuleli. Ngakho ukuthi bayanikwa yini ukuthi lulalelwe kwiCas noma cha, ngingakusho nje ngenhlonipho ukuthi awekho amathuba okuthi baphumelele.”

FUNDA NALA: Ingase ibathwahlaze kwiCaf iRoyal AM ngesizini ezayo

IRoyal AM yafaka lolu daba kule nkantolo engenkulu kwezemidlalo emhlabeni ngoba ifuna ukubuyiselwa ekubeni ngompetha beChampionship.

ISekhukhune iyona eyagcina ibekiwe njengompetha kulandela ukuba umehluleli eyigixabeze ngamaphuzu ayephucwe iPolokwane City.

ICity yayihluleke ukuba nabadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23 abenele idlala neSekhukhune.

ISekhukhune yafaka isikhalo ngalokhu kanti isigungu sePSL esiqondisa izigwegwe sayithola inecala iCity.

Nokho yayigweba ngokuyiphuca amaphuzu kodwa ayangawanika muntu. ISekhukhune yanikela kumehluleli iyofuna ukuba lamaphuzu eze kuyo, nebala yaphumelela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.