Izidlele amahlanga iPirates kwi-Al-Ahly

UPaseka Mako

OKADONGA GUMBI

Ivele yawenza wabukeka ulula umsebenzi wokuwola amaphuzu amathathu i-Orlando Pirates ishaya i-Al-Ahly Benghazi emdlalweni weCaf Confederation Cup e-Orlando Stadium ngeSonto kusihlwa.

Kucace zisuka nje ukuthi akukho okutheni ezokuthola i-Al-Ahly yaseLibya njengoba iBucs beyizenzela kusukela umdlalo uqala.

Yize ne-Al-Ahly beyinazo iziqubu la ebihlasela khona khona, kodwa beyifica iBhakabhaka lihleleke kahle emuva, ingakwazi ngisho nokusondela emapalini kaWayne Sandilands.

IBucs beyingqongiza ingaphezi emapalini nezimbangi zayo kodwa yehluleke ukuwasebenzisa amathuba ayo.

Kodwa kubuye kwalunga njengoba ngomzuzu ka-26, uNtsikelelo Nyauza enyukile wayokhombisa abagadli ukuthi libekwa kanjani ibhola enethini.

UTshegofatso Mabasa ube eseyisika iphethini, walibasela enethini kade kuyikhona egotshwe nguDeon Hotto ngomzuzu ka-41, ukuze kuyiwe ekhefini sekucacile ukuthi ngubani okhonyayo. Nokho leli goli ligcine sekubalwa njengomkhonto ogwaze ekhaya ka-Abubakar Milad.

I-Al-Ahly izamile ukubuya kodwa kwasho ukuthi kuvalwe thaqa emuva kwiBucs njengoba beyize igcine seyizana ukukhahlela ikude.

Kodwa kuthe kusenjalo, uKabelo Dlamini wawuqeda umcimbi eshaya igoli lesithathu – uhlangane nebhola enganakwe muntu ebhokisini, unozinti elele phansi kade eqeda ukuvimba elikaMabasa, akangabe esacucuza walibeka enethini.

Lo mphumela uyibeke eqhulwini kuGroup A iPirates kodwa kungenzeka kube yisikhashana kwazise i-Enyimba yona owayo umdlalo uqala ngo 9 ebusuku.

Izobe ibhekene ne-ES Setif, okuyiyona esemsileni kuleli qoqo – sekungaba yizinanga zasebholeni uma ingahluleka i-Enyimba ukuwawola wonke amaphuzu.

Email: Editor@impempe.com 

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.