Izidlele amahlanga iSundowns italabha iSwallows

Izidlele amahlanga iSundowns italabha iSwallows
UThemba Zwane
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Bekubuye kube sengathi izidlalela umdlalo wokuzicija iMamelodi Sundowns – izidlele amahlanga kwiSwallows FC eyishaye ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto kusihlwa.

Lo mdlalo bewuseLoftus Versveld ePitoli kanti lo mphumela usubeke iSundowns endaweni enhle njengoba seyinegebe lamaphuzu amane esicingweni seligi.

Osekuzothatha amehlo manje wukubona ukuthi likhona yini iqembu elizoyijaha kwazise abebhekiwe AmaZulu ne-Orlando Pirates basadonsa kanzima.

NeSuperSport United eke yabonakala iza kahle kodwa iqhuzukile kule mpelasonto ibambana neChippa United.

Lokhu kwenza kubonakale iSundowns isazoqhubeka izidlele amahlanga emidlalweni yeligi.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala bekubukeka sengathi iyahlangana iSwallows futhi ibingayiniki iSundowns izikhala zokuzenzela umathanda.

Kodwa kube ukuthi ingenelwe yigoli yakhinyabezeka, yaqala iSundowns yawulawula umdlalo yize beyingabonakali ijahile ukwandisa amagoli.

Igoli lishaywe uPavol Safranko ogxume wabedlula bonke walingqofela enethenini kade kuyikhona egotshwe uLyle Lakay.

FUNDA NALA: Ukhale ngonompempe oweGallants i-Arrows ivulela isimbambamba

Nasesiwombeni sesibili iSundowns beyingakhombisi kujaha okungako kodwa ubungozi bayo bulokhu buvela nje uma ihlasela.

Incishwe nephenathi ecacile ngomzuzu ka-60 kodwa ayangakhala nakakhulu kwazise beyazi ukuthi umdlalo ngowayo.

Ithe uma seyilifuna igoli lesibili yalithola kalula sekusele ngaphezu kancane kwemizuzu eyishumi umdlalo uphele.

Kube wumnyakazo oqale ngasebhokisini leSwallows. Ibhola ligcine lifika kuNeo Maema engaphakathi ebhikisini, walibeka ngobuhle ubuchule lobu kwaba ngu 2-0.

UPeter Shalulile nguye oshaye elesithathu sekubalwa imizuzu umdlalo uphele njengoba beyisizigelezela nje iSundowns.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.