Izidlulele kalula iPirates kuThongathi ingena emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup

UKhekukuthula Ndlovu woThongathi FC moSiphesihle Ndlovu we-Orlando Pirates emdlalweni weNedbank Cup ngoMgqibelo

OKADONGA GUMBI

Yize kuke kwabukeka sengathi kukhona isimanga olungasenza uThongathi FC, kodwa kuhlale obala ukwehlukana kwezigaba phakathi kwayo ne-Orlando Pirates.

Nokho iCane Cutters kumele iziqhenye ngokuthi ikwazile ukuyinika umdlalo iBucs obekulindeke izenzele umathanda kuleli qembu leGladAfrica Championship.

Ngendlela ebidlala kahle ngayo iCane Cutters, iBucs ize yalithola ngomzuzu ka-26 ithuba elicacile lokushaya igoli. Kodwa ibhola likaBen Motswari laphuma kancane phezu kwepali.

Isheshe yabuya iPirates emapalini oThongathi njengoba ngawo umzuzu ka-26 uSiphesihle Ndlovu ededele udalimede kodwa uXolani Ngcobo walivimba.

Nokho bese kucaca ukuthi iBucs iyalifuna igoli, kungathi umqeqeshi uthe bengabuyi beze ekhefini uma bengakakori.

Ngomzuzu ka-37, uNdlovu uphinde wathola elinye ithuba, ehlangana nebhola ebeligotshwe uThembinkosi Lorch ngakwesokudla, kodwa walibhamuza phezu kwamapali.

NeCane Cutters ike yafika emapalini ePirates ngomzuzu ka-42, kodwa uKhethukuthula Ndlovu wavele walipha izotobha ibhola kunokuligobela kumdlali wangakubo.

UNdlovu uzolala engalele namuhla ecabanga ngethuba elilula aliyeke ngomzuzu ka-61 esephaselwe kahle wabhekana ngqo noRichard Ofori kodwa wavele washaya into ephume eceleni.

Kuphele imizuzu emibili uNdlovu eyeke ihhewa, uGabadinho Mhango walivalela enethini ngemuva kokuthola elihle ibhola ebelisuka kuDeon Hotto ngomzuzu ka-63.

UThapelo Maleka uthole ithuba lokubuyisa Uthongathi emdlalweni ngomzuzu ka-65, kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni.

UTshepho Chaine, ongene esiwombeni sesibili, ucishe walishaya elokulinganisa ngomzuzu ka-80, ephenduka phambi kwesitobha qede wadedela, kodwa uSiyabonga Mpontshane, ongene endaweni ka-Ofori olimalile, walivimba lelo bhola.

UJean-Marc Mundele usale engakholwa ukuthi ibhola lakhe aligaxelanga kanjani enethini ngomzuzu ka-88, liceze kancane eceleni kwepali.

 

Sekubalwa imizuzwana uphele umdlalo, uThabang Monare udedele intambo engaphandle kwebhokisi loThongathi kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini, uNgcobo engakubonanga kwakulibona.

Leave a Reply

Your email address will not be published.