Izidlulele kalula iSundowns kwiChippa, ivula igebe lamaphuzu amahlanu 

ULebohang Maboe ishaye igoli lokuqala iMamelodi Sundowns ishaya iChippa United ngeSonto

OKADONGA GUMBI

Asemahlanu amaphuzu iMamelodi Sundowns ezihola phambili ngawo kwiDStv Premiership kulandela ukuthi ishaye iChippa United ngo 2-0 eLoftus Versveld, ePitoli ngeSonto.

ISundowns iyixolelile ke nokho iChilli Boys ngoba ngokwamathuba ewatholile bekumele ishaye okungenani amagoli amahlanu bese izivakashi zabo zizigingqele lona iqanda ezifike nalo ngoba vele akukho okutheni ezikwenzile.

Uqale ngesenzo esihle, kodwa esinomunyu lo mdlalo. Ngomzuzu wesibili, umdlalo umile njengoba abadlali bawo womabili amaqembu bebehlonipha uMotjeka Madisha weSundowns owashona engozini yemoto ngoDisemba. Bamile bashaya izandla ukuhlonipha lo mdlali obegqoka uNombolo 2 kuleli qembu.

Yize ashona ngoDisemba, umndeni wakhe uze wakuqinisekisa ngoMgqibelo ukuthi nebala kwakunguye lo awayeshayela imoto eyashayisa eMidrand, qede yagqamuka amalangabi basha baba wumlotha ababephakathi.

Zithe zisuka, womabili lamaqembu akhombisa ukungesabani njengoba umdlalo bewuvulekile lingekho elihlezi emuva lilinde ukuhlasela ngokuzuma – nokho lokhu kungaba yilona phutha elikhulu elenzile iChippa leli.

Kodwa kuye ngokuya kwacaca ukuthi phela yiSundowns le, yaqala yacindezela, yakhempa engxenyeni yeChippa. Icishe yalithola igoli lokuqala ngomzuzu ka-17, uKermit Erasmus ezama ukukhahlela ekude kodwa kwasho khona ukuthi usebenzise umyawo angalujwayele lwesinxele, ibhola lakhe laphuma eceleni.

Nokho ilitholile igoli ngomzuzu ka-23, uLebohanga Maboe elinamathisela enethini ngemuva kokuthola ibhola eyedwa ebhokisini leChippa.

UThemba “Mshishi” uyeke elihle ithuba ephaselwa ibhola nguMaboe engaphakathi ebhokisini leChilli Boys kodwa wavele washaya into ephuphile ayivimbe kalula u-Ayanda Mtshali.

No-Erasmus udlale ngethuba ngomzuzu ka-35 elithumela phezu kwamapali ibhola ekubeni kade esedlale kahle ejika isitobha seChippa.

USirino uvele wabona ukuthi kumele abakhombise labo zakwabo ukuthi ibhakiziswa kanjani inethi ngesikhathi ekwenza kubukeke kulula ukukora, ebeka iSundowns phambili ngo 2-0 ngomzuzu la-38.

Esiwombeni sesibili, kube sengathi iyazama iChippa kodwa yabuye yalotha. ISundowns ibe namathuba amabili kulandelana ngomzuzu ka-53 noka-55, kodwa oMaboe noPeter Shalulile badlala ngawo.

ISundowns iziyekele yona ukushaya amanye amagoli oMaboe, Themba Zwane noShalulile beyeka alula amathuba. Ngomzuzu ka-64, iSundowns ikhalele iphenathi ngemuva kokuthi Ibhola lishaye engalweni yomdlali weChippa engaphakathi ebhokisini langakubo.

Kodwa unompempe, uVictor Hlungwani wathi yibhola elizishayise engalweni umdlali ubengaqondile ukulithinta ngayo. Iphikelwe negoli ngomzuzu ka-74 iSundowns.

Okuxakile wukuthi unompempe uqale walikhomba enkabeni yenkundla kodwa wabuye wajika wathi alisuswe yiChippa, ethi uMosa Lebusa obelishayile ubesesemhlabeni ongamfanele.

AMasandawana aseqhele ngamaphuzu amahlanu kwizimbangi zayo esicongweni sePremiership iSuperSport United neSwallows FC.

Emdlalweni obusePeter Mokaba Stadium ngalo iSonto, zishayane zaze zabukana ingekho egob uphondo phakathi kweBaroka neCape Town City, umdlalo uphela ngo 1-1.

 

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *