Izihlela kabusha iLudonga ngemuva kokushona kukaNkunzi

UThulani "Nkunzi" Magudulela

ALFRED NGUBANE
ILudonga Boxing Promotion seyenze izinguquko kubaphathi kulandela ukushona komsunguli wayo, uThulani “Nkunzi” Magudulela muva nje. UMagudulela washona isigubhukane ngemuva kokuhaqwa yiCovid-19 ngoFebhuwari.
UZwelenkosi Mgudulela, oyindodana kaMagudulela endala uxoxisane neMpempe mayelana nezinhlelo zabo ezintsha ngemva kokudlula emhlabeni kukayise.
Uthe kube nezinguquko kusukela kozoba ngumhleli wezimpi kuya kubaqeqeshi. Boona bengumndeni wakwaMagudulela bahlale phansi bacubungula ukuthi ngubani ozoqhuba umsebenzi kayise, baphuma nokuthi nguyena ozothatha izintambo zokuhola Ludonga.
Uphinde waveza ukuthi umfowabo ophakathi nendawo, uMalethi “MaTatoo” Magudulela uzomsondeza eduze ngoba ikusasa alaziwa yize engeyena umuntu ozihlanganisile nezamankomane.

UZwilenkosi Magudulela

UZwilenkosi ubekade eyinhloko yabaqeqeshi kwiLudonga phambilini, kanti manje useshenxile kulesi sikhundla njengoba esezoba ngumphathi wenkampani yonke.
“Yimina engizoba wumhleli wezimpi omusha bese kuthi uSizwe “Bhubesi” Mthembu nguyena ozoba yinhloko yabaqeqeshi. Sekunesikhashana eyibambile lapha eLudonga eyisekela lami.
“Akukho ukungabaza ngaye ngoba ngiyacabanga luningi ulwazi akuluncele lapha eLudonga ngaphansi kukababa nakimi,” kuchaza uZwilenkosi.
Baphinde bakhuphula uMqobi Mkhize waba yiphini likaMthembu. UmfokaMagudulela uthembise ukubuyisa izinsuku zenjabulo ngokukhiqiza ompetha abasha.
“Umfana esibheke kuye amehlo ethu njengamanje nguSabelo “Mkhonto” Cebekhulu waseMtuba sifuna ukuthi kuphele lo nyaka eseke walwela ibhande ngaphansi kwe-WBA noma i-ABU.
“Omunye esizomkhulisa nguNgcebo Sibiya ongumzala kaSiboniso “Tiger” Gonya oseza kahle njengoba esalwe izimpi ezintathu wazinqoba zonke,” kusho uZwilenkosi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.