Izihlulekele yona iPirates ukushaya iCity, cishe beyithuswe yiChiefs

Izihlulekele yona iPirates ukushaya iCity, cishe beyithuswe yiChiefs
UBandile Shandu noTereence Mashego
OkaDonga Gumbi

Kwenzeke into eshiya imibuzo eminingi i-Orlando Pirates ibambana ngeCape Town City omunye wayo ngothi: ngabe beyithuswe yiKaizer Chiefs?

Phela iPirates izobhekana neChiefs emdlalweni wayo olandelayo okungenzeka ukuthi bewusemiqondweni yabadlali ngesikhathi bebhekene neCity.

Indlela abadlale ngayo beyikhombisa ukuthi bonke abafuni ukusala ngaphandle uma sekuqokwa iqembu elibhekana naMakhosi emdlalweni obhekwe ngabomvu womkhaya ngoMgqibelo.

Kodwa ke kukho lokho kuzimisela bebebuye bakhombise ukuthuka okwenze bahlulwa inqwaba yamathuba njengoab begcine becazelane amaphuzu kungafanele.

Ukube iwunqobile lo mdlalo obuse-Orlando Stadium iPirates beyizoya kowomkhaya ihlezi endaweni yesibili kwilogiDStv Premiership. Kodwa seyizoya isendaweni yesine njengoba beyithuswe yilo mdlalo olandelayo.

Iyalingana neChiefs ngamaphuzu angu-32 kodwa Amakhosi asenemidlalo emibili esalele ngayo emuva.

IPirates iwuqale isebenzisa icebo engalijwayele lo mdlalo njengoba beyisusa amabhola amade abheke phambili esuka emuva.

Beyisebenzisa ubuciko buka-Olisa Ndah ukuthumela lamabhola futhi kucishe kwayisebenzela lokhu.

Kuphele imizuzu emihlanu uHugo Marquez eseke wavivinywa ngamabhola amabi amabili. Elokuqala belithunyelwe uDeon Hotto kodwa laphuma phezulu.

Kungakapheli sikhathi esitheni lo nozinti bese kumele avimbe ibhola ebelithunyelwe uBandile Shandu kodwa unozinti walichithela phezu kwepali.

Ngomzuzu wesishiyagalolunye uMarquez uphinde wasebenza eshesha ukuphuma epalini eyovalela uHotto ukuze angakwazi ukukhahlela kahle, walichithela eceleni ibhola lakhe.

Iqhubekile nokucindezela iPirates kodwa ifice kugqojiwe emuva kwiCity obekwenza igcine seyenza amaphutha ngenxa yengcindezi yokungawasebenzisi amathuba ayo.

NeCity ibe seyiqala ithola izintuba zokungena ebhokisini lePirates la beyifike ikhombise ukuba yingozi enkulu. Nokho nayo ihlulekile ukuwasebenzisa amathuba ewatholile.

FUNDA NALA: UJordaan ufuna kubhekwe eyokhehlamfana ebholeni lase-Afrika

UThabo Nodada uke wazama ukuzuma uSiyabonga Mpontshane sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini emdonsa ngembumbulu yebhola. Nokho lo nozinti ukwazile ukulifica ibhola alichithele phezu kwepali.

Kuyiwe ekhefini zisabambene kungekho goli yize ngokwamathuba bekumele ngabe iPirates beyisiwashayile okungenani amathathu.

Nasesiwombeni sesibili iPirates beyingena iphindelela ebhokisini leCity kodwa yaphinde yahluleka ukuthola igoli ebelizoyinika amaphuzu aphelele.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.