Izihlulekele yona iStellies kwiSwallows, izembe selinuka eduze

UKamohelo Mahlatsi no-Ebraheem Jabaar

OKADONGA GUMBI

Sekuyishubele ngampela ke manje iStellenbosch FC futhi izembe selinuka la emaqakaleni kuyo. Lokhu kulandela ukuthi leli qembu laseKapa lihluleke lancama wukuthola iwini kwiSwallows FC ebibophele iqembu elithakwe ngabafana abancane abebengadlali isizini yonke.

Lo mdlalo obuseDobsonvilel Stadium, eSoweto ngoLwesibili ntambama uphele zibambene ngo 0-0. LO mphumela mubi kwiStellies ngoba uma iChippa United ingawina emdlalweni wayo oqala ngo-5 ngoLwesibili, iStellies izowela endaweni ka-15.

Emizuzwini eyishumi yokuqala, iStellies iphoqeleke ukushintsha uhlaka nendlela yokudlala njengoba ilinyalelwe uPhathutshedzo Nange obeshayela isisu. UNange – okunezinkulumo zokuthi uya kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo – ulimale ngemuva kokudlaliswa kabi. Kungene u-Ebraheem Jabaar endaweni yakhe.

Siqhubekile nokucindezela iStellies futhi sathola inqwaba yamakhona kulandelana kodwa yahluleka ukuwasebenzisa. Mhlwumbe bekuwuvalo lokudlala nazi ukuthi uma nike nadliwa kuyabheda obeluthusa abadlali bayo.

Kuze kwacishe kwaba yiSwallows eyibhakuzisa kuqala inethi. Bekungumzuzu ka-26 ngesikhathi uKamohelo Mahlatsi edabula izitobha zeStellies, wangena ebhokisini qede wadedela ishodi. Nokho ube nebhadi ibhola lakhe lazishayisa epalini selimdlile uLee Langeveldt.

Emizuzwini emine ukusuka lapho, iStellies ithole i-free kick ngaphandle kancane nje kwebhokisi leSwallows. Ithathwe nguJayden Adams, wavele wazingela ngayo amajuba lelo bhola elishaya liya phezulu kude nepali.

Iswallows beyivimbise uSanele Tshabalala obekungumdlalo wakhe wokuqala kule sizini kanti wenze umsebenzi oncomekayo. Buka nje ngoba ngomzuzu ka-44 ugeze u-Ashley Du Preez.

Lo mgadli uthole ibhola engaphakathi ebhokisini leZinyoni, wadedela ishodi kodwa wandiza walibamba lo nozinti oneminyaka engu-23. Uqhubekile nasesiwombeni sesibili waziveza ukuthi uma bengekho oVirgil Vries noThela Ngobeni, yena engawenza umsebenzi.

Nasesiwombeni sesibili bekuyiyo iStellies ephethe ibhola kakhulu, kodwa ihluleke wukulisebenzisa ngendlela eyiyo. Lokhu kudale ukuthi lo mdlalo uphele zibambene – bese kungokuka-17 iSwallows idlala ngokulingana.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.