Iziholwa uButhelezi iShark kwiCurrie Cup

Curry Cup Phephsi Buthelezi
UPhephsi Buthelezi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Facebook

ICell C Sharks seyimemezele ukuthi izobe iholwa uPhephsi Buthelezi njengokaputeni kule sizini yeCurrie Cup ka-2021 eqala ngoMgqibelo.

Abadlali abaningi beSharks baseqenjini lesizwe amaBhokobhoko njengoba lilungiselela ukubhekana neBritish and Irish Lions ngoJulayi.

Kulaba badlali kukhona ukaputeni weSharks uLukhanyo Am, Siya Kolisi, Thomas du Toit, S’bu Nkosi, Makazole Mapimpi, Ox Nche, Aphelele Fassi nabanye.

UButhelezi ungomunye wabadlali abakhula ngamandla ebholeni lombhoxo nokulindeleke ukuthi babe seqenjini lesizwe kungekudala.

ISharks ishaywe kowamanqamu weCurrie Cup yiBulls ngesisini edlule esongwe ngoJanuwari 30 ngenxa yeCovid-19. Lo mdlalo uwinwe abafana basePitoli ngo 26-19 eLoftus Stadium, ePitoli.

Imidlalo izoqala ngophakathi kweNew Nation Pumas neXerox Lions eMbombela Stadium, ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku. NgoMgqibelo iSharks izovakashela iTafel Lager Griquas, eTafel Larger Park, ngo-1.30 ntambama.

IBulls izokwamukela iDHL Western Province e-Emirates Airlines Park, ngawo uMgqibelo ngo-4 ntambama.

ICurrie Cup yangesizini edlule ibiphazanyiswa yiCovid-19 kakhulu nobekuholela ekutheni imidlalo ibuye ihlehliswe, kanti kukhona negcine ingadlalanga.

Lokhu bekubangelwa ukuthi emakhempini amanye amaqembu bekutholakala abadlali abane-coronavirus sekusele izinsuku ezimbili kuphela ukuthi kudlalwe.

Njengoba iCorona seyibuye kabusha eNingizimu Afrika, lo mqhudelwano ungase uphinde uphazamiseke ngokuhamba kwesikhathi. EGauteng kuvele sekuqala ukonakala njengoba silokhu sinyuka isibalo sabahaqekile. Kunethemba nokho ukuthi uzogcina usongiwe umqhudelwano, kuphume nompetha.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *