Izikhokhisele ngesibhaxu ngokuphoxwa kwayo iSundowns

UThemba Zwane weMamelodi Sundowns

OKADONGA GUMBI

Mhlawumbe bekuyindlela yokubhodla kwiMamelodi Sundowns njengoba ibukise ngeCR Belouizdad iyifaka isibhaxu sika 4-1 emdlalweni weCAF Champions League obuseBenjamin Mkapa Stadium, eTanzania ngeSonto ntambama.
Phela iSundowns yasala ikhexile futhi icikekile imiswa seyize yapakisha kuthiwa ingabe isawubeka umconjwana wayo e-Algeria ngoba isolwa ngokuthi inobungozi bokuletha iCoronavirus kuleliya lizwe.
Umdlalo kaGroup B wesigaba samaqoqo kulo mqhudelwano ongomkhulukazi wamaqembu e-Afrika, wabe sewuhlehliswa futhi watholelwa enye inkundla njengoba ugcine udlalelwa eTanzania nje.
Izinto zisheshe zayivuna iSundowns kulo mdlalo ngesikhathi uChoaib Keddad ezenza unozinti evimba ngesandla ibhola likaThemba Zwane seliyokweqa ulayini wegoli. Unompempe ubeke iphenathi wabe esekhipha uKeddad ngekhadi elibomvu.
UZwane ube eseyinamathisela enethini leyo phenathi, yahamba phambili iMasandawana. Bekumele iwathole amanye amagoli njengoba imbangi ibingasaphelele.
Licishe ladla elesibili ngomzuzu wesishiyagalombili kodwa ibhola likaSphelele Mkhulisi lavinjwa. ISundowns yehlise isivinini somdlalo, kodwa kuyiyo ewulawulayo iBelouizdad ihubhana nezithunzi.
Nokho libuyile leli qembu lase-Algeria ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, u-Amir Sayoud wenza kwaba ngu 1-1 selusele kancane kuyiwe ekhefini.
Nokho ibuye ekhefini ingasagayelwe mphako iSundowns, kanti kuthe kusaphele imizuzu emithathu siqalile, uPeter “Shasha” Shalulile walingqofela enethini ibhola obekuyikhona egotshwe nguLyle Lakay.
Ngomzuzu ka-55, uZwane uphinde leso, washaya igoli lesithathu, ewenza usinde kakhulu lo mdlalo kwiBelouizdad, obese kucaca ukuthi iyaxhugela njengoba ibingasaphelele.
Iqhubekile nokuzicanasela iSundowns izenzela kwiBelouizdad futhi bekumele iwandise amagoli. Yingakho kungathisanga ngomzuzu ka-75 uma noLebohang Maboe ebhalisa elakhe igama ohlwini lwabashaye amagoli.
NoLakay ubethi uyalifaka elakhe igama kuloluhlu ngomzuzu ka-82 eshaya elihle ibhola kade kuyi-free kick kodwa laphuma phezu kwepali.
Ngomzuzu ka-89, uKermit Erasmus, ongene ngesiwombe sesibili endaweni kaGaston Sirino, ube esebasela phakathi elesihlanu.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iSundowns iyaqhubeka nokuhlala phezulu eqoqweni layo njengoba seyinamaphuzu ayisithupha.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.