Izikhulu zePSL zibhinqe uMaMkhize ‘ngokufaka ibhola ezinkantolo’

Izikhulu zePSL zibhinqe uMaMkhize 'ngokufaka ibhola ezinkantolo'
UShauwn Mkhize no-Andile Mpisane
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Instagram

Izikhulu zePSL (Premier Soccer League) kuthiwa zibhinqe uShauwn “uMaMkhize” Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane beRoyal AM emhlanganweni omkhulu wale nhlangano ngoLwesine olwedlule.

Ngesikhathi ekhuluma kulo mhlangano othanyelwa yiwo wonke amaqembu ePSL (angu-32) usihlalo wayo u-Irvin Khoza kuthiwa ukhulume ngokuvikelwa kwesithunzi sebhola.

Kuthiwa ukhulume ngokuthi izikhulu ezasungula le nhlangano zazenza konke okusemandleni ukuvikela isithunzi sayo.

Uthinte nokuthi kungani kungamele izindaba zebhola zigcine sezikhulunywa ezinkantolo zomthetho.

“NoKaizer Motaung ukhulume ngomlando wePSL wakhumbuza nabanye ukuthi kungani kumele basebenze ngokubambisana ukuthuthukisa ibhola kunokugijimela ezinkantolo.

“Uveze ukuthi ibhola linezinhlaka nezindlela zalo zokuxazulula izindaba zalo,” iSunday World icaphune umthombo wayo usho kanje.

UMaMkhize wafaka iPSL ezinkantolo ngoba elwela ukuthi kube yiqembu lakhe elibekwa njengeliwine iGladAfrica Championship ngesizini edlule.

Lokhu kwakulandela ukuthi iSekhukhune United nayo yawina enkantolo ukuthi kumele kubekwe yona njengompetha hhayi iRoyal AM.

IRoyal AM isaqhubeka nalo leli cala njengoba seyilifake enkantolo yamacala ebhola yamazwe ngamazwe iCourt of Arbitration for Sport (CAS).

Kuphinde kwagudlwa kuye futhi uMaMkhize nendodana yakhe ngokubukisa ngemali okwenzeka ngesikhathi bepha abadlali imali esidlangalaleni.

IRoyal AM yabekwa icala ngalesi senzo kanti yalivuma yabe seyihlawuliswa ngakho.

“Ezinye izikhulu zePSL oDavid Thidiela noJohn Comitis bakhulume kabanzi ngesithunzi negama lePSL nezinkantolo.

“UThidiela uveze ukuthi yena eqala ebholeni wayethola imali ekhokhwa esangweni ahambe ayoyibalela ekhaya kodwa ngeke kusezeka lokho ngoba iligi seyikwelinye izinga.

“Isikhulu esiphezulu esibambile uMato Madlala naye wengezile ngokwakhe ekhala ngokuqonga kwezindleko zabammeli ezibhekene neligi,” kuqhuba lo mthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *