‘Izilimaza yona iKaizer Chiefs ngokugoloza ukudlala’

'Izilimaza yona iKaizer Chiefs ngokugoloza ukudlala'
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Uqweqwe lomqeqeshi osesebenze emaqenjini amaningi ePremier Soccer League (PSL), luxwayisa iKaizer Chiefs ngokungayi emidlalweni yeDStv Premiership.

Kube nesiphithiphithi ngempelasonto ngesikhathi iChiefs ingafiki emdlalweni ebizowudlala neCape Town City, eFNB Stadium, eNasrec.

IChiefs ibhalele iPSL ngoLwesihlanu iyichazela ukuthi bangu-31 abahaqwe yigciwane iCoronavirus eNaturena ngakho icela kuhlehliswe imidlalo yayo kaDisemba yeligi.

Nokho iPSL ayizange iyingene leyo futhi kuthiwa iyitshelile iChiefs ukuthi awukho umdlalo ozohlehliswa.

ICitizens ifikile eFNB Stadium ngoMgqibelo kodwa yathola kukhiyiwe ingabonwa iChiefs.

“Ngezwa kuthiwa iligi yabaphendula (abeChiefs) yathi ayikho imidlalo ezohlehliswa,” kusho lo mqeqeshi ongathandanga ukudalulwa igama lakhe.

“Amaqembu angu-32 avumelana nyakenye ngaphambi kokuqala kwesizini ngokuthi ukuhlaselwa yiCovid akuyukuba isizathu sokuhlehliswa kwemidlalo.

“Lokhu kwase kushicilelwa njengomtheshwana ozolawula. Uzolikhumbula icala lePolokwane City eyashodelwa abadlali baka-Under 23 badliwa umdlalo, kanjalo neSekhukhune United.

“ICape United nayo yehluleka ukuya emdlalweni ngesimo esifanayo umdlalo wanikwa iCape Town Spurs.

“Ngicabanga ukuthi kwavunyelwana ngalokhu ukuvimba ukuthi abantu bangathi bezixakekele noma bexinwe yimidlalo bese bethola ibhaxa ngalolu khuvethe.”

Uma lokhu okushiwo yilo mqeqeshi kuzolandelwa, kuchaza ukuthi iChiefs izothathelwa amaphuzu amathathu bese kuthiwe ishaywe ngo 3-0.

“Ngokubona kwami iChiefs bekumele itshele iligi ukuthi ayikwazi ukuya kulo mdlalo ukuze iCape Town City ingezi, izithathele amaphuzu, izihlalele eKapa.

FUNDA NALA: Ugila izimanga kwezemidlalo umfanyana ofuze unina 

“Into uma sekuvunyelwene ngayo akulula ukuthi isebenze ngenye indlela.

“Uma Amakhosi engayi kule midlalo azophucwa wonke amaphuzu ngenxa yesivumelwano esisho kanjalo.

“Uma kuzosebenza umthetho okhona kuzoba njalo,” kuphetha lolu qweqwe.

Emdlalweni olandelayo iChiefs kumele idlale neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, eKwaMashu, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Akwaziwa noma izoya yini kulo mdlalo kodwa uma ingafikanga ingase ilahlekelwe amanye amaphuzu amathathu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.