Izimanga zonozinti: abanye bavimbe amaphenathi, abanye babhacazile

Izimanga zonozinti: abanye bavimbe amaphenathi, abanye babhacazile
UBrandon Petersen
OkaDonga Gumbi

Onozinti bagile izimanga ezihlukene emidlalweni yeDStv Premiership ngoMgqibelo; abanye babe ngamaqhawe, abanye bashiya kukhalwa ngokuvuza kwabo.

Izimanga ziqale emdlalweni omkhulu nobubhekwe ngabomvu, idabhi yaseSoweto phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

USiyabonga Mpontshane wosokhaya uqede umdlalo eseyiqaqa kwabanye babalandeli beqembu ngemuva kokudliwa amabhola amabili abacabanga ukuthi bekumele awavimbe.

Egolini lokuqala, uMpontshane ushawe uReeve Frosler engaphandle kwebhokisi. Yize ezamile ukulifica leli bhola, kodwa uphuzile ukusuka, lamudla. 

Kwelesibili uphumile eyobamba ibhola kade kuyikhona, kodwa wabuye kwangathi uyangabaza okwenze u-Erick Mathoho alingqofe liyokhalakathela enethini kungasekho muntu. 

Ngale kwiChiefs, uBrandon Petersen ubevimba kwasani; ngisho uPutin nezikhali zakhe ubengeke adlule kulo nozinti. 

Nguye onqabele iPirates ukuthi ithole amagoli amaningi kunaleli lomthobanhliziyo elitholile kulo mdlalo. 

Emdlalweni weSuperSport naMaZulu FC, kuphinde kwaba ngesifanayo konozinti; omunye ube yiqhawe, omunye wabhacaza ngendlela eshayisa amahloni.

URonwen Williams uvimbe iphenathi kaBongi Ntuli obekuzoba yigoli ebelizobuyisela Usuthu emdlalweni ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.

Ngale ezintini zoSuthu, uVeli Mothwa ushaye amafambu amabili abaqhathe nenduku. Esiwombeni sokuqala ubambe wadedela ibhola, lawela kuJesse Donn walibeka enethini. 

FUNDA NALA: Kuzwelile kuMngqithi ukurojwa kweSundowns unompempe ithola induku

Kwesesibili uMothwa uphinde enye ifambu ethi ususa ibhola kodwa washaya into ephelele kuRodney Rainers. Ukube uvele wama epalini lakhe lo nozinti bekoba ngcono.

Kodwa uvele waphuma ezama ukuyomaka, uRainers wamphambanisa nalo, lakhala enethini.

Emdlweni wakusihlwa phakathi kweMaritzburg United neMamelodi Sundowns onozinti baphinde baziveza njengoba kuyibo abanqume umphumela.

OweMaritzburg uMarcel Engelhardt uvimbe amabhola amabi eSundowns wabe esengezela ngokuvimba nephenathi kaThemba Zwane sekubalwa imizuzu kuphele umdlalo.

Ngale kwiSundowns uKennedy Mweene ubenobusuku obulula njengoba engekho amabhola atheni abhekane nawo.

Kodwa kuthe sekuphela umdlalo, waphuma eyozama ukumaka u-Amadou Soukouna. Nokho ubuye wazibamba akangalufaka unyawo.

Koda lo mdlali uvele wawa kanti nonozinti uThando Ndzandzeka uzothengeka, walikhomba emlotheni. Ube eselibasela enethini uSoukouna, kwaba wukudliwa kweSundowns okwesibili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.