Izinguquko ezinqala kwiRoyal AM: isilandele iDowns ngabaqeqeshi

Izinguquko ezinqala kwiRoyal AM: isilandele iDowns ngabaqeqeshi
UShauwn "MaMkhize" Mkhize ngesikhathi ememezela izinguquko ngoLwesihlanu
Sbongs Gumbi

Imemezele izinguquko ezinqala iRoyal AM ngoLwesihlanu ekuseni. Leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize selilandele ezinyathelweni zeMamelodi Sundowns.

IRoyal AM nayo seyizoba nabaqeqeshi ababili abazocija iqembu ngokubambisana okungoKhabo Zondo noDan Malesela.

Lezi zinguquko ezinqala ziza nje bekunemibuzo eminingi ngokwenzeka kuleli qembu kulandela ukumiswa kukaSInky Mnisi esikhundleni sakhe sokuba yisikhulu esiphezulu.

Nokho lolo daba aluzange lukhulunywe okwamanje njengoba uMaMkhize eveze nokuthi sebethenge neBlomefontein Celtic Ladies esizoba yiRoyal AM Ladies.

Leli qembu labesifazane ligijima kwiHollywoodbets Super League kanti usihlalo walo kuzoba ngunkozikazi ka-Andile Mpisane uTamia.

“Ngenze izinguquko ezithile eqenjini kanti ngeke sisaba nomqeqeshi oyedwa, sizoba nabaqeqeshi abaqeqesha ngokubambisana,” usho kanje uMaMkhize ngokucashunwa ngabeDiski Times

FUNDA NALA: Ngabe yibaphi onozinti abazokhuhla ibhentshi kwiSundowns?

“Idolobha laseRoma alakhiwanga ngosuku olulodwa, laba baqeqeshi bazofaka izinongo ezehlukene ebholeni lethu.

“Kuzomele baxabane kodwa bagcine bevumelana ukuze sithole imiphumela emihle. Ngesikhathi ngibahlola lokho ngikubeke obala kubo.

“Angifuni sijike indlela esidlala ngayo. Ngifuna sibe nendlela yethu yokudlala esizokwaziwa ngayo,” kucacisa uMaMkhize.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.