Izinguquko kweleBafana elizodlala neSudan

Abadlali beBafana Bafana

OKADONGA GUMBI

Ulishintshe kakhulu iqembu ayeqale ngalo umdlalo odlule umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki njengoba ezolwela ukungehlulwa kwiSudan azobhekana nayo ngeSonto ntambama.

Wudonga lwasemuva kuphela akangazanze alushontshe njengoba kusazogada oThulani Hlatshwayo, Innocent Maela noSiyanda Xulu emuva.

ORuzaigh Gamaldien, Sifiso Hlanti no-Andile Jali abaqala emdlalweni neGhana ngoLwesine abangenanga kwelizoqala oweSudan. UJali walimala koweGhana futhi akabange esahamba neqembu ukuya eSudan.

IBafana idinga ukudlala ngokulingana kulo mdlalo ukuze ongene kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngasekuqaleni konyaka ozayo.

“Silindele umdlalo onzima njengoba kungowokugcina kweyokuhlunga. Wonke umdlali, umqeqeshi neqembu lisuke lifuna ukwenza kahle uma kunesino esinjena.

“Singadlalela ukuwina noma ukuthola iphuzu. Sizokwenza okufanele ukuqinisekisa ukuthi siyangena kwi-AFCON, yilokho okubalulekile,” kusho uNtseki ngalo mdlalo ozoqala ngo 6 kusihlwa.

UNtseki uthe akaboni kukhona okungabaphazamisa emizuzwini lokhu abakuhlosile eSudan, uma nje kungezukuba khona ukwenzelela.

“Ngifisa ukubonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuseseka kwabo futhi siyabanxenxa ukuba baqhubeke. Nginethemba alikhulu lokuthi sizowenza umsebenzi.

“Silapha ukuzomela izwe, futhi sizolwela ukungena kwi-AFCON. Siyayihkonipha iSudan kodwa kufanele sikwazi ukuthola umphumela esiwufunayo, uma nje kungezukwenzelelwa,” kuchaza uNtseki.

Bafana Bafana XI: Ronwen Williams (G), Thulani Hlatshwayo ©, Innocent Maela, Siyanda Xulu, Thabang Monare, Ben Motshwari, Thapelo Morena, Themba Zwane, Lebohang Maboe, Luther Singh, Percy Tau

Ebhentshini: Itumeleng Khune, Sfiso Hlanti, Craig Martin, Thabiso Kutumela, Thibang Phete, Sipho Mbule, Ruzaigh Gamildien, Thabo Nodada, Mothobi Mvala, Mosa Lebusa, Vincent Pule, Lyle Foster.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.