Izinhliziyo sezilangazelela owamanqamu kwiChamps League, oweDowns

Izinhliziyo sezilangazelela owamanqamu kwiChamps League, oweDowns
UHashim Domingo
OkaDonga Gumbi

Umdlali weMamelodi Sundowns okhula ngamandla kuleli qembu, uHashim Domingo uthi izinhliziyo zabo sezilangazelele ukuqukula indebe yeCaf Champions League.

Ukusho lokhu ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo wesihlani esigabeni samaqoqo kwiChampions League.

ISundowns izobhekana ne-Al Hilal yaseSudan e-Al-Hilal Stadium ngoMngqibelo ngo-3 ntambama.

“Sizobe sisendaweni esingayijwayele. Izimo zehlukile ngokunjalo neqembu esizobhekana nalo,” kusho uDomingo.

“Iqembu neqembu esibhekana nalo liza ngendlela yalo ehlukile yokudlala, thina nje kumele sithole indlela yokubhekana nalokho.”

ISundowns seyivele iwufakile umlenze owodwa emzuliswaneni womkhumulajezi kulo mqhudelwano njengoba seyinamaphuzu ayishumi.

FUNDA NALA: IChiefs ithi kwenzeke ubulungiswa ivunwa isinqumo sikamahluleli

Seyidinga nje ukudlala ngokulingana kule emibili esele ukuqinisekisa ukuthi izobe ikhona uma seziqhathwa esigabeni esilandelayo.

“Into enkulu esenzekile okwamanje ngokubona kwami ukushaya ompetha abavikela isicoco (i-Al Ahly) ekuhambeni nasekhaya.

“Kodwa siyazi ukuthi lokho akusona isiphetho. Kumele singaziphakamisi bese siqhubeka nomsebenzi ngoba izinhliziyo zilangazelela ukuthi sihambe size siyofika ekugcineni kwalo mqhudelwano.

“Abalandeli kumele balindele umdlalo omnandi ngoba siyazi ngeke kube lula, kodwa nakanjani sizolwa. Sifuna ukulwela amaphuzu agcwele.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.