Izinkunzi zaseSoweto zizobuyela kweyePremiership zibomvu izinhliziyo

Izinkunzi zaseSoweto zizobuyela kweyePremiership zibomvu izinhliziyo
Abalandeli be-Orlando Pirates
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Izinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs zizozama ukubuyisa izinduku emaqenjini azikhiphe kwiMTN 8 uma sekuqhubeka imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto.

Imidlalo yePremiership ibimile ngenxa yekhefu leFifa, kanti izobuya ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

IPirates ishaywe yiSwallows FC ngo 2-1 kwi-quarterfinal yeMTN 8, yaliwasha kanjalo ke ijezi kulo mqhudelwano ebingompetha bawo.

NgoMgqibelo la maqembu azophinde atholane phezulu emdlalweni womkhaya wePremiership e-Orlando Stadium ngo-3 ntambama.

Akukho ukungabaza ukuthi abadlali beZimnyama bazofuna ukuzibuyisa zishisa izinduku kwiZinyoni, ezibukise
ngabo emdlalweni wokuvula isizini.

Ngakolunye uhlangothi iChiefs ibambane ngo 2-2 neMamelodi Sundowns kodwa yagcina ishaywe kumaphenathi kuyona iMTN 8.

Kulo mdlalo iChiefs ike yalandela ngemuva ngo 2-0 kodwa yabuya umdlalo waze waya esikhathini esengeziwe.

ISundowns neChiefs bazophinde batholane phezulu emdlalweni wePremiership ngeSonto ngo-5 ntambama.

Nakuwona lo mdlalo kulindeleke ukuthi kushunqe uthuli ngoba mhlawumbe abadlali beChiefs abakakudlulisi kahle ukukhishwa yiDowns kwiMTN 8.

Ngaphandle kokuthi le midlalo, okuyiyona emikhulu kuleli ngempelasonto, izobe ihambisana nokuziphindiselela, wonke amaqembu ayawadinga amaphuzu.

IPirates ayiyiqalanga kahle imidlalo yePremiership njengoba isadlale ngokulingana
kuyona yomibili esayidlalile.

Lokhu kuchaza ukuthi eZimnyama sezilahle amaphuzu amane, ngakho ziyadinga ukuthola iwini yokuqala.

IZinyoni seziqoqe amaphuzu amane ngokudlala ngokulingana nokuwina kanye. Nakanjani nazo ziyafuna ukuqhubeka nomgqimgqo omuhle.

FUNDA NALA: UNtseki uncoma uhlaka lwenkulisa yeChiefs, uthi lusazokhipha ukhilimu

IChiefs neSundowns sebeqoqe amaphuzu amane iqembu ngalinye kodwa nawo la maqembu adinga ukuwina ukuze angasali emaqenjini aphezulu kwilogi.

Egcina ukuhlangana emdlalweni weligi la maqembu kuwine iChiefs ngo 2-1. Kulo mdlalo kwakuhamba phambili iSundowns ngo 1-0.

Kodwa iChiefs yakushintsha konke lokho ngesiwombe sesibili, ishaya amagoli amabili, ngesizini edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.