Izinsimbi zeChiefs, oKatsande no-Agay zigcwele ukuzethemba ngaphambi komdlalo neWydad

Belulelwe izinkontileka ngonyaka abeChiefs kwenzelwa owamanqamu
UWillard Katsande noBernard Parker
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UWillard Katsande, odlala esiswini kwiKaizer Chiefs, uthi bafuna ukuqhubeka nokuqopha umlando kwiCAF Champions League okuyinto asebevele bayenzile kule sizini.

IChiefs izotholana phezulu neWydad Casablanca yaseMorocco, emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu ngoMgqibelo. Kuzobe kungokokuqala ngqa leli qembu laseNaturena lidlala kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano emlandweni walo.

UKatsande ukholwa ukuthi bangafinyelela kowamanqamu kulo mqhudelwano okuyinto engabe iqala ngqa ukwenzeka.

“Ukufinyelela kweyandulela owamanqamu kwiChampions League neKaizer Chiefs, yinto enkulu kakhulu. Kodwa asikhulumi ngeyandulela owamanqamu kuphela, sikhuluma ngokuzibekisela indawo emidlalweni yamaqoqo.

“Sonke siyazi ukuthi besihluleka ukudlula esigabeni sokuqala kodwa kulokhu sifike kweyamaqoqo, lokho kube wumlando ngokwakho,” kusho uKatsande.

“Ukuya kuma-quaterfinal kwaba yinto eyasigqugquzela kakhulu thina, neKaizer Chiefs njengeqembu elikhulu. Njengamanje silapha kweyandulela owamanqamu, futhi wumdlalo omkhulu kakhulu kithi.

“Sinabadlali abaningi abasezingeni lomhlaba eqenjini, nokuchaza ukuthi sizozama ngakho konke ukusebenzisa amaqhinga ethu, siye kowamanqamu. Esikudingayo ukuthi silokhu siqhubeka senza umlando kwiChiefs.”

Omunye wabadlali abanamava okudlala e-Afrika nguLazarous Kambole oke wahamba ibanga elide neqembu ayelidlalela iZesco United. Amava akhe angayisiza kakhulu iChiefs ngoMgqibelo ekuhambeni.

“Okwesibili ngifinyelela kweyandulela owamanqamu. Okokuqala ngidlale kowandulela owamanqamu ngesikhathi ngisadlalela iZesco. Sadlala sibhekene neMamelodi Sundowns, ngebhadi sakhishwa emqhudelwaneni.

“Kodwa kulokhu ngiseqenjini elihlukile, iKaizer Chiefs. Amalungiselelo ahambe kahle, konke kuqondile.

“Ngiyathemba futhi ngiyakholwa ukuthi leli yithuba elihle kakhulu kithina ukuthi sihambe size sifike kowamanqamu. Sinabadlali abahle kuzo zonke izingxenye, wonke umuntu angakwenza lokho ajutshwa ukuthi akwenze.

“Umsebenzi mkhulu kakhulu kodwa abadlali bakhona ukuthi bewenze. Iqembu lonke liwulungele umdlalo,” kusho u-Agay. Emidlalweni yamaqoqo iChiefs ithole isibhaxu sika 4-0 ngesikhathi ivakashele iWydad. Kuzomele ikugweme lokho ukuze izibeke ethubeni lokudlulela kowamanqamu.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.