Izinsolo ezimbi ‘ngokunyamalala’ kukaPeter Shalulile kwiSundowns

Izinsolo ezimbi 'ngokunyamalala' kukaPeter Shalulile kwiSundowns
UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns

 

Ukungingiza kwabaqeqeshi beMamelodi Sundowns oRulani Mokwena noManqoba Mngqithi uma bebuzwa ngoPeter Shalulile kushiye imibuzo engaphenduleki.

Laba baqeqeshi abalibekanga ngembaba elokuthi lo mgadli ulimele kodwa bathe unenkinganyana asabonana nodokotela abakhethekile ngayo.

Nokho Impempe seyingakudalula ukuthi yinto engekho yonke leyo. UShalulile akalimele futhi akanalo noluncu.

Lo mgadli ubengekho emidlalweni emithathu yeSundowns okungemibili yeCaf Champions League noweDStv Premiership.

Ngokuthola kweMpempe, uShalulile akekho nje ngoba udube ukuzicija neqembu ngoba engasafuni ukuhlala kulo efuna ukushiya.

Ukuthi yini emenza afune lokho bekungakatholakali okwamanje kodwa Impempe izolokhu ibeke indlebe ukuzwa uma kukhona okuvelayo.

“UPeter Shalulile akalimele futhi uwumqemane nje. Kunezinkinga ezikhona eqenjini ngaye ezenze ukuthi adube engaziciji neqembu futhi sekuphele amaviki amabili engalubhadi.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi yini inkinga kodwa khona yena usamile ekuzihlanganiseni neqembu,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa nangephutha.

Unyamalala nje uShalulile iSundowns inomdlalo obalulekile weMTN8 la izogadulisana khona ne-Orlando Pirates ePolokwane.

FUNDA NALA: UBernard Parker udalula icebo iTS Galaxy emangaze ngalo iChiefs

Ibimdinga kakhulu lo mgadli ongalibheki ipali kulo mdlalo kwazise kumele kuphume ozoya kowamanqamu phakathi kwayo nePirates ngoMgqibelo.

UShalulile nguyena obengumthombo wamagoli kwiSundowns ngesizini edlule njengoba eshaye angu-23 kwiligi, kwashoda amabili afice irekhodi likaCollins Mbesuma.

Nokho kule sizini udonsa kanzima futhi usashaye amagoli ayisithupha kuphela futhi sekunesikhathi agcina ukubhakuzisa inethi.

Ukungenami kwakhe kuleli qembu kungenye yezinkomba yokuthi yize kudliwa kahle kuleli khaya laseChloorkop kodwa inhlalo ayiyinhle.

NoKermit Erasmus uvele waqoka ukushiya kuleli qembu njengoba esedlala kwiPirates la asefike wenza umehluko obonakalayo khona.

Intatheli yeMpempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *