Izinsolo zokubuyela ezidakamizweni kuMayongo odukile

Izinsolo zokubuyela ezidakamizweni kuMayongo odukile
ULuvo Mayonga
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Ukhathazekile ngokunyamalala kukaLuvo Manyonga umengameli wenhlangano eyengamele ezokusubatha kuleli, uJames Moloi. UManyonga usanda kuhlawuliswa ngokumiswa iminyaka emine engangeneli imijaho ngemuva kokungafiki ukuzohlolelwa izidakamizwa.

Lo msubathi onethalente eliyinqaba kodwa onenkinga yokuhluleka wukuziphatha wake wamiswa izinyanga ezingu-18 ngo-2012 ngemuva kokutholakala kwesikhuthazi mzimba esingavumelekile egazini lakhe.

UMayonga wawina indondo yesiliva kuma-Olympics aseRio de Jainero eBrazil ngo-2016. UMoloi, odanda kuqokelwa ukuhola iSouth African Athletics, uveze ukukhathazeka kwakhe ngokunyamalala kwalo msubathi.

UMoloi uthe kumele singamulahli lo msubathi ngoba unekhono eliyisimanga, kodwa indaba isekungaziphatheni kahle ngaphandle kwenkundla.

“Ibhodi le-ASA selinqume ukuthi lilandelele emgomeni walo wokuzinikela ekumsizeni ngokuthi sikhiphe ithimba elizomthungatha la engakhona. Sifuna ukuthola ukuthi yikuphi esingakwenza ukumsiza ukuze sihlenge ikusasa lakhe kwezokusubatha,” kusho uMoloi.

Uthe ngalokhu abaqondile ukuphazamisa noma ukugxambuleka emsebenzini we-Athletics Integrity Unit okuwuphiko oluhlola abasubathi izidakamizwa bengazelele.

Impempe ithole ukuthi lo msubathi uke wabonakala eKapa lapho edabuka khona. Abasondelene naye bathi ubephila impilo ephezulu, engasabazi abanye abantu njengoba ephila impilo yobuzemtiti.

Kuthiwa uyabonakala kancane ezindaweni zobumnandi khona eKapa lapho esuke  ehamba khona nabantu abangabonakali kukhona abamsiza ngakho. Kusolakala ukuthi uhlanganiswe yizidakamizwa nabo.

Ikusasa lakhe kwezokusubatha lisengcupheni amapara abamhlophe bezitika ngeziyobisi .lomsubathi udume ngokuhamba izindlela zobumnya usegcupheni yokuphela nya kwekhono analo kwezokusubatha

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.