Izintwana zinikwe ithuba kwiChiefs, abePirates babuyise elingashintshile

AbeChiefs banike izintwana ithuba, abePirates babuyise elingashintshile
Abaqeqeshi bosuku uMorena Mofokeng weKaizer Chiefs noRorisang Matea we-Orlando Pirates
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Abalandeli beKaizer Chiefs bakhombise isibindi nokufuna ushintsho eqenjini labo ngokufaka izintwana eqenjini abafuna liqale umdlalo kwiCarling Cup. IChiefs izogadulisana ne-Orlando Pirates kulo mqhudelwano wokulungiselela isizini.

Abalandeli banikwa ithuba lokuba bazenelise ngokuziqokela bona iqembu abafuna liqale umdlalo. Kungalindeleka ukuthi basebenzise leli thuba ukunika abadlali abangajkwayele ukuthola ijezi nabahlale bebakhalela isizini yonke.

Kodwa kuvamise ukuthi babuyise lingajikile iqembu ebelisuke lidlala ngesizini edlule. Nokho kulokhu abeChiefs balwenzile ushintsho ngokufaka izintwana ezimbalwa eqenjini.

Lokhu kuzoba wumlayezo nakumqeqeshi, uStuart Baxter, kumkhombise ukuthi abalandeli bazobekezela uma elibumba kabusha iqembu enika izintwana ezisencane ithuba.

Abadlali abasebancane abafakwe kweleChiefs elizoqala umdlalo ngoHappy Mashiane, Lebohang Lesako, Njabulo Blom noSabelo Radebe. OReeve Frosler noNkaosingiphile Ngcobo banikwe ikhefu kule midlao njengoba beseqenjini lesizwe lika-Under 23 eTokyo.

KwiPirates kukhona abadlali abasebancane abake basetshenziswa ngumqeqehsi uJosef Zinnbauer ngesizini edlule kodwa abashaywe ngesithende sekuvotwa. Kubona singabala uBongani Sam, Tshegofatso Mabasa noThabiso Sesane.

AbeBucs baze babuyisa nabadalli abebehlale bekhala ngabo ezinkundleni zokuxhumana ngesizini edlule oThulani “Tyson” Hlatshwayo noFortune “Flavour-Flavour” Makaringe.

Ame kanje amaqembu azongena enkundleni e-Orlando Stadium ukuyodlala lo mdlalo osubhekwe ngabomvu ngeSonto ngo 5 ntambama.

IChiefs izobe ibophele kanje:

Unozinti: Itumeleng Khune

Emuva: Erick Mathoho, Daniel Cardoso, Ramahlwe Mphahlele, Happy Mashiane

Esiswini: Lebohang Lesako, Njabulo Blom, Kearyn Baccus, Sabelo Radebe

Phambili: Samir Nurkovic, Khama Billiat

IPirates izobe ibophele kanje: 

Unozinti: Richard Ofori

Emuva: Innocent Maela, Wayde Jooste, Thulani Hlatshwayo, Ntsikelelo Nyauza

Esiswini: Deon Hotto, Fortune Makaringe, Thabang Monare, Ben Mostwari

Phambili: Thembinkosi Lorch, Gabadinho Mhango

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.