Izinyathelo zomthetho kuKhoabane ‘owagwazelwa yiSundowns’

Izinyathelo zomthetho kuKhoabane 'owagwazelwa yiSundowns'
UPeter Khoabane
  1. UDABA: OkaDonga Gumbi
    ISITHOMBE: Twitter 

IMamelodi Sundowns seyiveze ukuthi isithinte abammeli bayo ukuthi bayicebise ngemuva kokuhlazwa esidlangalaleli nguPeter Khoabene ‘owagwazelwa’ yileli qembu.

Le nkakha eyayidlala kwiSuperSport United inevidiyo endiza ezinkundleni zokuxhumana lapho iveza khona ukuthi yake yagwazelwa yiSundowns.

UKhoabane ubekhuluma nabeTK Solutions TV wathi kukhona lapho isikhulu esithile seSundowns sabathembisa imali yena nabanye abane ababenabo eqenjini.

Ngaleso sikhathi wayedlala kwiVaal Proffesionals kanti uvumile ukuthi bayithola leyo mali futhi iSundowns yawuwina ngo 4-1 umdlalo.

“ISundowns kwakumele iwine izindebe ezintathu ngaleyo sizini. Uma bewinile emdlalweni wethu, babezoziwina izindebe ezintathu.

“UMario Tuani nguye owayesiqeqesha benoRaul Gonzalez owayeyiphini lakhe,” kusho uKhoabane.

“Sabizelwa eceleni satshelwa ukuthi ‘lalelani la, kukhona enizokuthola uma nihlulwa kulo mdlalo’.

“Sase sisele nemidlalo emibili futhi sesivele sidliwe yizembe. Kwase kuvela leli thiba lokuthola uR20 000,” kulanda yena.

“Ngangihola uR1 500 ngalesi sikhathi kwabe sekuqhamuka lo muntu owathi ngingenza uR5 000.

“Isiwombe sokuqala saphela zibambene kungu 0-0. Sambuza ngesikhathi sekhefu ukuthi iphi imali.

“Wathi ‘ikhona imali’ ngathi mina kulungileke. Umdlalo waphela iSundowns seyiwina ngo 4-1. Yazidla kanjalo ke izindebe ezintathu.

“Kwakuyimi nabanye engingeke ngibadalule ngoba mhlawumbe ngeke bahambisane nalokho kodwa sasibane.

“Ngangidlala emuva kanti nezinye izitobha ezintathu nomgadli sasikhokheliwe.

“Ngakhuluma nezitobha nonozinti. Lesi esinye isitobha esasinaso enkundleni sasingazi ukuthi sidlalela iSundowns ngalelo langa.

“Lo omunye umgadli wayengamphaseli adlala naye phambili, sadliwa kanjalo ke sabe sesikhokhelwa. Sayithola imali yethu.”

Lokhu sekuyicasule kwathi ayiqhume iSundowns yakhipha isitatimende ikuphika  lokhu yabe seyithi izothatha izinyathelo zomthetho.

ISundowns yayingakathengwa nguPatrice Motsepe ngaleso sikhathi kwakungabakwaTshichlas uNatasha noPeter.

UNatasha uvele wazikhaba ngazo zombili lezi zinsolo wathi ziyihlaya okumele linganakwa.

Ebuzwa ngabeTimesLIve ngalokhu, uNatasha uvele wathi yena ngeke awaphendule amampunge ngoba angaze agcine kungathi ayiqiniso.

FUNDA NALA: Angase agxalwe kwiChiefs uZuma ngokushayela ephuzile

Esitatimendeni sayo, iSundowns ithe: “IMamelodi Sundowns iyazichika izinsolo zokugwaza zango-1999.

“Ibhodi eyengamele iMamelodi Sundowns izikhaba ngazo zombili izinsolo zokugwaza ezixoxwe nguMnuz Peter Khoabane.

“Lezi zinsolo kuthiwa zenzeka eminyakeni emine ngaphambi okuthi uPatrice Motsepe alithenge iqembu.

“Ngeke sizithathe kancane lezi zinsolo futhi kumanje siyaphenya ngazo, sizocela nezeluleko zabammeli.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.