IZinyoni zisazondiza kwiPremiership ngesizini ezayo

Sihle Ndlovu

ISwallows FC isazoqhubeka nokudlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo kulandela ukuwina umdlalo wokugcina wokuhlunga eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu.

IZinyoni zishaye i-University of Pretoria ngo 1-0 kulo mdlalo obekumele nakanjani zithole amaphuzu amathathu kuwona ukuze zingayi ukuyondizela kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo.

Ngasohlangothini lweTuks iye kulo mdlalo idinga ukudlala ngokulingana kuphela ukuze ilandele iRichards Bay FC ngokunyukela kwiPremiership. Nakanjani nekulindeleke ukuthi umdlalo ube nzima ngoba womabili amaqembu abekubheke ngabomvu ukuya kwiPremiership.

Umdlalo uke wama isikhathi eside ngemuva kokulimala kukaWandisile Letlabika oshayisane kabuhlungu no-Etiosa Ighodaro. ULetlabika ugcine engawuqedanga umdlalo.

Igoli elikhulule ibhentshi leZinyoni lize noYagan Sasman ngomzuzu ka-61. Ngaleso sikhathi bese kubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 0-0.

Ngasekupheleni komdlalo bese kuvalwa amehlo iSwallows ivimba iTuks ebisingena iphindelela. Nokho iZinyoni zigcine zibambelele zahlala lapho kunoju khona.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *