Izitha ziyanda kuBroos, noBaxter weChiefs usegadlile

UBaxter naye usegadlilwe kuBroos weBafana ozakhela izitha kalula
UStuart Baxter noMandla Ncikazi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Uma kukhona into avele ayenze ngaphandle kokuthi aze agqilazeke umqeqeshi omusha weBafana Bafana uHugo Broos wukuzakhela izitha.

Selokhu efikile kuleli uBroos unokukhuluma izinkulumo ezinochukwana nokwenza abanye baziphendulele bese kuba sengathi sekuxatshenwe.

Abaningi bamncoma uBroos ngokuthi wakhahlelwa yihhashi esifubeni, akafihli lutho.

Uke wahilizisana ngamazwi noRulani Mokwena wakhala ngokuthi lo mqeqeshi kunezinto okumele angazivezeli izwe.

UMokwena wayekade ekhale ngokuthi uBroos akabazisi lutho ngabadlali abebesekhempini yakhe.

Wathi lokhu kwenza kube nzima kubo ukwazi ukuthi bengabagqilaza kangakanani laba badlali ejimini.

NoMandla Ncikazi we-Orlando Pirates uke wanazwi okukhononda ngalo mqeqeshi.

NgoLwesine noStuart Baxter weKaizer Chiefs uveze ukungeneliseki kwakhe ngoBroos nezinto azisho esidlangalaleni.

NgoLwesithathu uBroos ubeveze ukuthi akazi yini eyenza uBaxter angamdlalisi uBruce Bvuma ambizele eqenjini lakhe.

Ebuzwa ngalokhu nokukhuluma kukaBroos ngoNjabulo Ngcobo nokuthi ufisa adlaliswe kuphi, uBaxter akazange agodle izingalo kodwa wagalela naye.

“Ngicabanga ukuthi kuyishwa ukuthi kumele sizikhulume esidlangalaleni lezi zinto ngoba uBroos engeza eNaturena ukuze sixoxe kahle ngabadlali.

FUNDA NALA: Usole ukushintshwa kwezinkundla uMcCarthy behlulwa ukuwina ekhaya

“Lokhu kungenxa yokuthi sisebenza emazingeni angefani thina nabaqeqeshi bamaqembu esizwe.

“Nami ngike ngaba ngumqeqeshi weqembu lesizwe futhi ngicabanga ukuthi izinto azenziwa ngendlela efanayo.

“Thina uNjabulo Ngcobo simbona zonke izinsuku ejimini. Siyabona ukuthi yini akwazi ukuyenza kangcono.

“Mina ngingajabula ukuhlala naye phansi sixoxe nomqeqeshi weqembu lesizweuma enesifiso salokho.

“Nokho angikaze ngimbone ukuze sibe nengxoxo kahle naye.

“Nginabantu esisebenza nabo lapha (kwiChiefs) ababuye babe kwiBafana abangitshelayo izinto abazenzayo.

“Nokho ngeke ngixoxe ngalokho emphakathini ngoba ngiyamhlonipha umqeqeshi,” kuchaza uBaxter.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.