Iziveze njengeqembu elingayidla i-Euro i-Italy ibukisa ngeTurkey

Italy won EURO 2020 game Lorenzo Insigne scored
ULorenzo Insigne we-Italy
UMBIKO: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Ibuye ngegiya eliphezulu emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe i-Italy inenebula iTurkey ngo 3-0 wokuvula wokuvula i-Euro 2020 eStadio Olimpico eRome ngoLwesihlanu ebusuku.

I-Azzuri yahluleka ukungena eNdebeni yoMhlaba ngo-2018 eRussia, kodwa manje izinto zibukeka zishinshtile ngaphansi kobuholi bukaRoberto Mancini. Abaningi babona lo mqeqeshi engomunye wabasethubeni lokukhala bemuke nendebe ye-Euro kulo nyaka.

EzikaMamcini zihluleke zancama ukugqobhoza udonga lweTurkey ngesiwombe sokuqala yize kade ziwuphethe umdlalo. Kuyiwe ekhefini zibambene ngo 0-0.

Ngesiwombe sesibili, ompetha bomhlaba bango-2006 bashintshe amaqhinga bahlasela kakhudlwana. Iminyakazo yabo eya phambili ithele izithelo ngesikhathi uMerih Demiral elivalela ngakubo igoli.

Lesi sitobha esidlala kwiJuventus khona e-Italy, silingqofe ladla ekhaya ngemuva kokuxakwa ibhola ebeligotshwe ngobuchule nguDomenico Berardi ngakwesokudla.

Ngemuva kwalokho iTurkey ibe seyitatazela, ixhamazela yenza amaphutha amaningi emuva. Lokhu kunike i-Italy izintuba eziningi zokwakha amathuba okushaya amagoli.

Igoli lesibili le-Azzuri livalelwe phakathi nguCiro Immobile, isipikili sokugcina sishayelelwe nguLorenzo Isigne. Ukuwina ngo 3-0 kwe-Italy kuyenze yabeka irekhodi lokuba yiqembu lokuqala kwi-Euro ukushaya amagoli amathathu emdlalweni wokuvula.

ITurkey yona ilokhu iqhubeke njalo nerekhodi layo elingelihle lokuhlulwa kuyo yonke imidlalo yokuvula imiqhidelwano emikhulu ekwazile ukungena kuyo. 0I-Italy seyizobhekana neSwitzerland emdlalweni olandelayo kuleli qoqo kanti iTurkey yona isizobhekana neWales.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *