Iziwelele kakula iSundowns ingena kwesamaqoqo kwiChampions League

Iziwelele kakula iSundowns ingena kwesamaqoqo kwiChampions League
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ingene igijima esigabeni samaqoqo kwiChampions League iMamelodi Sundowns eshaye i-Union Maniema yaseCongo DR ngo 4-2 kweyokuhlunga.

ISundowns yayibambane ngo 2-2 noManiema ekuhambeni ngempelasonto edlule.

Ibuye ekhaya yawuqedela umsebenzi iyishaya ngo 2-0 eLoftusa Stadium ePitori ngeSonto ntambama.

Leli qembu lasePitori selizolinda ukuqhathwa esigabeni samaqoqo ukubona ukuthi lizobhekana naziphi izinkunzi kulo mqhudelwano.

Kungenzeka igcine ihlangane naMaZulu FC nawo adlulele esigabeni samaqoqo ngokushaya iTP Mazembe yaseDRC.

ISundowns beyikhombisa ukuthi yiyo esekhaya futhi iwulawula umdlalo ngasekuqaleni yakha anamathuba amahle.

Bekucacile ukuthi igoli lizogcina livelile njengoba beyifika iphindelela emapalini eManiema.

Yingakho kungathusanga ngesikhathi ngomzuzu ka-22 uLyle Lakay ethatha i-free kick eyibeka enethini ngobuchule.

Avelile ke namanye amathuba iSundowns ebingawasebenzisa izibeke endaweni enhle ngaphambi kwekhefu kodwa kusho khona ukuthi iyala emuva iManiema.

Elesibili lingene ngomzuzu ka-54 kanti libe yisipho inozinti weManiema asiphe uPeter Shalulile.

FUNDA NALA: Kusathalaza isomi kwiChippa neSwallows

Bekuyi-free kick egotshwe uLakay, unozinti walibamba qede walidedela lawela phambi kukaShalulile ongazange esananaza, walinamathisela enethini kwaba ngu 2-0.

IManiema izamile ukubuya ngasekupheleni komdlalo icindezela izama ukuthola amagoli okulinganisa kodwa yafika kugqojiwe emuva kulokhu.

Emdlalweni wokuqala leli qembu lakwazi ukubuya selilandela ngemuva kwaze kwaba kabili ukuthi ligcine lidlale ngokulingana.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.