Iziyekele yona ukushaya inqwaba yamagoli iPirates iphiwe ihhewa koweCAF

ULinda Mntambo oshaye igoli le-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

Beyizifanela nenkomo engene ensimini engagadiwe i-Orlando Pirates njengoba beyizidlela amahlanga emdlalweni womlenze wesibili weCAF Confederation Cup neJwaneng Galaxy yaseBostwana e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

IBucs beyizenzela nje kulo mdlalo njengoba izimbangi zayo bekubonakala ukuthi zikhathazeke kakhulu ngokuthi singangenelwa amagoli amaningi.

IGalaxy beyivele ilandela ngemuva ngo 3-0 kanti ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 ngeSonto, kube ngu 4-0 sekuhlanganiswe imiphumela.

Kucace zisuka ukuthi iPirates ayizimisele ngokunika lezi zivakashi umcabango wokuthi kukhona izimanga ezingazenza e-Orlando Stadium.

Bekungumzuzu weshumi ngesikhathi yakha ithuba lokuqala. Bekuyi-free kick eshaywe nguLinda Mntambo kodwa ibhola lakhe lazishayisa odongeni lweGalaxy, lawela kuJean-Marc Mundele othe uyaliqedela laphelela eceleni kwepali.

UKabelo Dlamini, obenikwe ithuba lokuqala umdlalo, udonse intambo ngomzuzu ka-26 kodwa unozinti weGalaxy, u-Ezekiel Morake walivimba ibhola lakhe.

IGalaxy nayo ike yayinyakazisa iBucs ngomzuzu ka-31, kodwa ibhola layo lazishayisa epalini kade bezifice zinganakile izitobha zePirates.

IBucs beyilifuna ngampela igoli futhi icishe yalithola emizuzwini wokugcina wesiwombe sokuqala kodwa ibhola likaMundele lavinjwa.

Isheshe yalithola nokho esiwombeni sesibili uMntambo eqedela umnyakazo omuhle weBucs, ngokunamathisela ibhola enethini ngomzuzu ka-55.

UThabang Monare ubethi uzama elesibili ngomzuzu ka-59, enikwa elihle ibhola nguMundele, wadedela ishodi kodwa ibhola lakhe laphuma phezu kwepali.

UMundele uhlulwe ngelilula ithuba ngomzuzu ka-62 ngemuva kokuthi ibhola lika-Austin Muwowo livinjwe unozinti lawela kuye kodwa lo mgadli waseCongo DR uthe uyalishaya waligeja.

IBucs ibingawashaya amanye amagoli kulo mdlalo kodwa ngasekugcineni bese kubukeka sengathi isizololongela umdlalo olandelayo ongasakuxinile ukuya phambili.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.