Izobe ihlome ngoBenzema noGriezmann iFrance kwiGermany

UKarim Benzema
UDABA: Mhlengi Josta Dladla
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weFrance, uDidier Deschamps uthi u-Antoine Griezmann noKarim Benzema sebekulungele ukuba ingxenye yeqembu elizodlala umdlalo wabo wokuvula kwi-Euro 2020 neGermany ngoLwesibili.

UGriezmann walimala onyaweni ngesikhathi iFrance inqoba ngo 3-0 kwiBulgeria ngoLwesibili emdlalweni wokugcina wokuziliungiselela waleli qembu elingompetha bomhlaba. NoBenzema walimala kuwo lowo mdlalo singakapheli isiwombe sokuqala.

Ngokusho kukaDeschamps bobabili laba badlali baziqeqeshe neqembu ngoMgqibelo ntambama nangeSonto ekuseni, okwenza uDeschamps abenazo zonke izingwazi zakhe ngaphambi komdlalo ozodlalelwa e-Allianz Arena ngoLwesibili.

Ebuzwa uDeschamps ukuthi ingabe uGriezmann noBenzema bakulungele ukudlala utshele iTF1: “Yebo, kubukeka bezokwazi ukudlala neGermany. Wonke umuntu ekhempini yethu ungumqemane futhi bonke abadlali sebeyaziqeqesha neqembu lonke manje. Sesizoziqeqesha kabili manje ngaphambi komdlalo, ngeke sibenayo inkinga.”

Ukubuya kukaGriezmann kuqinisa isikwati seFrance ngoba lo mgadli weBarcelona nguyena ophethe irekhodi lokuhlohla amagoli amaningi uma bedlala neGermany (4).

UBenzema yena sesiside isikhathi agcina ukudlalela iLes Blues emiqhudelwaneni emikhulu ngenxa yokudingiswa kwakhe izikhulu zeqembu iminyaka eyisithupha. Kodwa ngenyanga edlule kumangaze abaningi ukubizwa kwakhe esikwatini se-Euro 2020.

UBenzema utshele abezindaba ukuthi uwubheke ngabomvu umdlalo wabo neGermany. “Sengibuyele ngokugcwele manje ejimini, ngijima neqembu lonke, kuyangijabulisa lokho.

“Emzimbeni ngizizwa ngiphile kahle okwamanje, sengilinde umdlalo,” kusho lo mgadli oneminyaka engu-33.¬†UBenzema kulindeleke abe nobudlelwane obuyingozi kwizitobha noKylian Mbappe kanjalo noGriezmann.

 

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.