Izobhekana neDowns iRoyal AM eThwihlize iTuks kwiNedbank

UVictor Letsoalo
Sihle Ndlovu

IRoyal AM izobhekana neMamelodi Sundowns ekhaya emdlalweni owandulela owanqamu weNedbank Cup.

Lokhu kulandela ukushaya kwayo i-University of Proteas ngo 3-2 kowe-quarterfinal, eChatsworth Stadium, ngeSonto ntambama.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kutholana phezulu iTshakhuma FC ezodlalela ekhaya neMarumo Gallants.

Emdlalweni wayizolo iThwihli Thwahla ike yalandela ngemuva ngo zingakayi ngisho ekhefini kodwa yavuka yazitha ngesiwombe sesibili.

Izivakashi zicindezele zisuka zidlalela engxenyeni yeqembu lasekhaya. Kugcine kuthele izithelo ezinhle lokho ngesikhathi uWonderboy Makhubu eshaya igoli ngomzuzu ka-19.

Ayihlalanga emuva iTuks njengoba iqhubekile nokuhlasela. Ngomzuzu ka-27 ubuyile futhi uMakhubu washaya igoli lesibili kwaba ngu 2-0.

Inkundla ibishelela kakhulu ngenxa yemvula, ngakho bekunzima kubadlali ukuthi bapheselane ibhola kahle. IRoyal AM ibisicindezela ngaphambi kokuthi ziye ekhefini kodwa yagcina ingalitholanga igoli.

Iqale icindezela iThwihli Thwahla nangesiwombe sesibili. Lokhu kugcine ngokuthi ithole iphenathi ngomzuzu ka-58, wayibeka phakathi uVictor Letsoalo kwaba ngu 2-1.

Ziphinde zabuya ezikaMaMkhize zayimpintshela ekhoneni iTuks yangakwazi nokunyakaza. Ngomzuzu ka-79 ulikhalise enethini uLetsoalo kwaba ngu 2-2, kwachwaza inkundla.

Ngesikhathi sekubukeka sengathi sekubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe kuthe Thwihli Thwahla, uMfundo Thikazi eshaya igoli lokuwina ngomzuzu ka-90.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.